INKANTOLO eNkulu yasePitoli ikhiphe umyalelo wokuthi kuvulwe indlela yokungena emayini yaseStilfontein ukuze kuvunyelwe abezimo eziphuthumayo bafinyelele kubavukuzi abasele emgodini wemayini engasasebenzi.
Lokhu ngemva kokuba iNhlangano iSociety for the Protection of Our Constitution, inikele enkantolo ukuze kutholakale isisombululo salolu daba.
Le nkantolo ithe noma ngabe yimuphi umvukuzi ovaleleke emgodini kumele akwazi ukuphuma. Kuvunyelwe kuphela abezimo eziphuthumayo ukuthi bangene emgodini.
Kuthiwa balinganiselwa kwiizinkulungwane ezine abavukuzi abavaleleke kule ndawo kanti kunokungqubuzana phakathi kwamaphoyisa namalungu omphakathi kule ndawo ngokungakhishwa kwalaba abasavalelekile. Amanye amalungu omphakathi anezihlobo ezingabavukuzi abangekho emthethweni bakhala ngokuthi noma ngabe kubi abakwenzayo futhi kuphambene nomthetho kodwa njengamanje wonke umuntu unelungelo lokuphila nokuthola usizo lokuvikelwa umthethosisekelo.
Amaphoyisa ankanise kule ndawo eqaphe isimo, nawo abebhekene nenkinga yokuzikhulula emahlathini agcine elethelwe amathoyilethi angomahambanendlwana ngemuva kwamasonto afika kule ndawo.