INHLANGANO exazulula izinkinga zabantu bakuleli zemali, iNational Financial Ombud (NFO) isixwayise abantu ukuthi bangazifaki ezikweletini ngoba befuna ukutitiliza endalini yeBlack Friday, ezoba sekupheleni kwale nyanga.
UMnuz Howard Gabriels oyiCredit Division Lead Ombud yeNFO, uthe iBlack Friday isuke inezipesheli ezihlukene ngakho abantu akufanele bayokhithiza ngaphandle kokuzihlelela.
“Njengoba kuza iBlack Friday siyacela abantu bayiphathe kahle imali. Uma kungukuthi bebehlele ukuthenga impahla ethile kufanele kube ukuthi kade bayibeka eceleni imali yaleyo mpahla. Asithandi badidwe yizipesheli bagcine sebekhithiza noma yini.”
Uthe abantu abakhithiza izipesheli zeBlack Friday ngaphandle kokuzihlelela bagcina sebengene ezikweletini abebengazihlelile.
“Kubalulekile ukuthi abantu bazi ukuthi imali abazothenga ngayo endalini ezayo izovelaphi. Bangasebenzisi ama-credit card ngoba bedidwa yizipesheli. Ukuthenga ngesikweletu kuza nenzalo ezoshiya umuntu enezikweletu ikakhulukazi uma ethenga angakuhlelelanga.”
Ubalule ukuthi iBlack Friday yinhle ngokuthi izitolo zisuke zinezipesheli kodwa kolunye uhlangothi yimbi ngoba abasuke bengenamali bagcina beboleka imali ukuze bayotitiliza izipesheli.
Ucele abantu ukuthi babeke imali ezobasiza ngomuso, okungaba ngeyokuthenga umuzi, eyokufunda nokufundisa izingane, eyomhlalaphansi nezobabhekelela uma kunezimo eziphuthumayo.
Uthe indali yeBlack Friday nayo idinga ukubhekisiswa ukuze abantu bazihlelele babone ukuthi izitolo zinezaphulelo ngempela.
“Indali esuke ikhona abantu kufanele bayiqhathanise nokuthi leyo mpahla abayifunayo isuke iyimalini unyaka wonke. Uma bezihlelele kahle sebengathenga. Esikugqugquzelayo wukuphatha kahle imali. Asifuni abantu bakhithize ngeBlack Friday nangoDisemba bese beswela imali yokuya emsebenzini ngoJanuwari.”
Ube esekhumbuza abantu ukuthi iNFO ikhona ukubasiza uma benezinkinga zemali ezingaxazululeki, okubalwa ezokuboleka imali kubabolekisi abancane, amabhange, ezezikweletu zezitolo, ezefenisha nezamaselula.
Abantu bangafaka nezikhalo uma benqatshelwa ukukweleta ngaphandle kwesizathu esizwakalayo noma kunomuntu ongcolise igama labo osebikiwe kodwa igama labo lokukweleta lisangcolile.
INFO itholakala ngokungena ku- https://nfosa.co.za nangokushayela u-0860-800-900, uWhatsApp: 066 473 0157 nangokuthumela i-email [email protected]