UKHALA ngokuhlushwa ngama-phara nokwanda kwezigameko zobugebengu endaweni umphakathi waseBuffelsdraai eVerulam.
Uthi lokhu uqale ukuhlangabezana nakho emva kokuvalwa kwendawo yokulahla udoti kule ndawo, maphakathi nenyanga.
Ilungu lomphakathi uNksz Thobile Mabaso, lithe ngeledlule lintshontshelwe amabhodwe ebeliwabeke emnyango lapho liwasha khona izitsha.
“Ngiphume ngaya emnyango lapho ngiwasha khona izintsha, ngabeka amabhodwe. Ngibuyele endlini ngiyolanda insipho yokuthi ngiwawashe. Ngithe ngiyabuya, ngafika engasekho amabhodwe,” kusho uNksz Mabaso.
Uthe ngosuku olulandelayo nomakhelwane wakhe untshontshelwe umpompi egcekeni.
“Ubone ngamanzi esexhaxhaza egcekeni. Uze ekhaya ezobuza ukuthi asimbonanga yini umuntu oseshumpule umpompi wakhe, salandula,” kusho uNksz Mabaso.
Uthe baningi abantu abakhala ngokwebelwa izinto ezahlukene endaweni emva kokuvalwa kwendawo yokulahla udoti.
Uveze ukuthi abanye sebeze bangenelwa ezindlini.
“Ama-phara abengahluphi muntu, eziphilisa ngodoti awuthatha edampini. Manje njengoba isivaliwe nje, asehlukumeza thina siwumphakathi,” kusho uNksz Mabaso.
Uthe yize uMkhandlu weTheku ukubeke kwacaca ukuthi kwakuvele kungavumelekile ukuyocosha udoti endaweni yokulahla udoti kodwa bekubakhulula bona bengumphakathi.
“Into yokuhlushwa ngama-phara besingayazi nhlobo. Iqale manje emva kokuvalwa kwayo (indawo kadoti),” kusho yena.
UMkhandlu weTheku uthathe isinqumo sokuyivala indawo yokulahla udoti emva kokubulawa ngokudutshulwa kowesilisa owayeyozicoshela udoti khona ngasekuqaleni kukaJulayi.
Kuthiwa udutshulwe wonogada abasanda kuqashwa kule ndawo ukuthi bagade.
Kuleso sehlakalo kudutshulwe abanye abacosha udoti abangaphezu kuka-15, okubikwe ukuth baphuthunyiswe ezibhedlala.
Lokhu kwezeke emva kokuba kufike inkampani entsha yonogada, okuthiwa iqashelwa ukuba ilawule isimo ngoba kuthiwa babengasalawuleki abacosha udoti endaweni.
Kuningi obekucoshwa ngabantu, okubalwa amabhodlela, oplastiki bakudayise ukuze bathole imali yokuziphilisa.