IKHALA ngesiqiwi saseSwatini esiphilisa kabuhlungu umphakathi wezigodi ezakhele iNgwavuma, imindeni yabathathu abatholwe befile, betakwe ndawonye.
Ngokuthola kweSolezwe, uMnuz Mfanomncane Nyawo, Mnuz Mbongi Mtshali noMnuz Lindani Mtshali kuthiwa badutshulwe babulawa abaqapha isiqiwi ngoLwesibili.
Kuthiwa imindeni yabo ibathole behudulwe babekwa ndawonye kubonakala ukuthi badutshulwe amahlandla amaningi.
Kulesi sigameko okuthiwa kusinde oyedwa kusona, kuvela ukuthi ubehamba nabafi ngosuku lwesigameko, yena udubuleke esithweni, ngenhlanhla wakwazi ukubaleka, wahlaba umkhosi wokuthi abehamba nabo babulewe.
UMnuz Duncan Nyawo oyisihlobo sikaNyawo, oshonile, uthe abagilwa basuka emakhaya beyobheka inkomo ebidukele esiqiwini.
“Bahlaselwe besayibheka. Ababange besaqeda,” kusho uNyawo.
Uveze ukuthi sekunesikhathi lesi siqiwi singabahlalisile kahle.
“Kusuka ngo-2017, isiqiwi singasihlalisile kahle. Safike sadayiswa ngendlela esingayiqondi kahle. Emva kwalokho kwaqala ukubulawa kwezinkomo zethu, kokunye zithathwe ngendluzula,” kuchaza uNyawo.
Uthe bekuye kuthi uma bezama ukuthi zibuyiswe, kube nhlanga zimuka nomoya.
Uphinde wadalula ukuthi nesigameko sowesilisa owabulawa yizindlovu nyakenye, basola abalesi siqiwi.
“Indlovu ezazigcwele esiqiwini sabo, bazixosha ngendiza enophephela emhlane, baziwelisela engxenyeni engaphesheya, lapho umphakathi unamadlelo khona.
“Sibuhlungu ngendlela esiphethwe ngayo siwumphakathi. Abakwenzayo kukhombisa ukuthi kasiyinto yalutho futhi siyizinyamazane okufanele zibulawe,” usho kanje.
IKhansela lendawo, uMnuz Mbalekelwa Nkosi, liqinisekisile ukuthi libikelwe ngokwenzekile, laze laziyela lapho kwenzeke khona isehlo, lathola ukuthi bonke abafile bebedutshulwe emakhanda.
“Kukhulu ukukhathazeka emphakathini. Abantu bafisa kube khona ukuxoxa phakathi kweSwatini neNingizimu Afrika, ikhulunywe le nto,” kusho uNkosi.
Echaza ngendaba yesiqiwi uthe iyinsumansumane.
“Savele savuka sekuthiwa kunesiqiwi. Leya ndawo kusukela kudala, sikhule kudla izinkomo kuyo. Ucingo lwaseSwatini lwaluphansi kodwa manje sizwa sekuthiwa umngcele ususondele ezintabeni,” kusho yena.
Uthe umuntu ozihambelayo, ongazi, ayikho into emkhombisayo ukuthi useqe umngcele.
“Okusiphatha kabi ukuthi bafe bengaphethe lutho, kwazinyamazane lezo ebebeyozizingela, bebengakazitholi,” kusho uNkosi.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa angakayiphenduli imibuzao athunyelwe yona.