BAFUNE isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana abakade basicela abahlali basemijondolo yaseKenville eGreenwood Park, kudutshulwa kubulawa abesifazane ababili ezintatha zayizolo.
Osekomitini lomphakathi uMnuz Mashinini “City” Nkosi uthe uvuswe abanye abaholi basendaweni ngabo-3 ekuseni, bemtshela ukuthi sekwenzeke umshophi.
Uthe uphuthume endaweni yesigameko, wafike wazithela phezu kwabafi bedutshulwe emakhanda, sebeshonile.
“Ngithole ukuthi kuqale kwaba khona imoto ezwakale ima kabi, kwaze kwakhala namasondo. Kuthiwa emva kwalokho, kube sekuqhuma isibhamu kaningi,” kusho uNkosi.
Uqhube wathi abaseduze abezwile bathe emva kokuqhuma kwezibhamu, kuzwakale imoto isisuka ngesivinini, ibaleka endaweni yesigameko.
“Bathe uma beyobheka bathola abafi bebulewe,” kusho uNkosi.
Ubuye wadalula nokuthi abesifazane laba akubona abantu bendawo, okwenza basole ukuthi bekusukwe nabo kwenye indawo, bazobulawelwa kule ndawo.
Uthe wukwenzeka kwezigameko ezifuze lesi ezenza bafune isiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana endaweni.
Uthe babesicelile kuNgqongqoshe wamaPhoyisa waphambilini ngesikhathi ebavakashele endaweni emva kwezibhelu.
“Wayehambe esithembisile ukuthi uzosilethela. Sinxusa ungqongqoshe osekhona manje ukuthi asilethele lesi siteshi ukuze kunciphe ubugebengu,” kusho yena.
Uthe isiteshi esikhona, iGreenwood Park, sithe ukuqhela kubona, wathi yize amaphoyisa akulesi siteshi ezama ukuzulazula ngamaveni ngezikhathi zasebusuku, eqapha ubugebengu kodwa izigilamkhuba ziyawagada.
“Ngesikhathi esazulazula, akwenzeki lutho kodwa uma eke ahamba, zisala zikhala,” kusho uNkosi othe ukuba khona kwamaphoyisa azohlala unomphela esiteshini esingumahamba nendlwana endaweni, kungenza umehluko omkhulu.
Uthe kule ndawana okubulawelwe kuyo abesifazane, babalelwa ku-35 asebebulewe kuyo kusuka ngo-2021, babe ngu-87 eKenville yonkana.