SEKUBEKWE umyalelo wokuthi zonke izinkampani ezihlomula ngemsebenzi yokuthuthukisa ingqalasizinda ziqashe abaneziqu ezihambisana nalo msebenzi ukuze bezothila isipiliyoni sokuqashwa.
UMasipala waseMhlathuze, ngokusho kweMeya, uMnuz Xolani Ngwezi uzolandelela ubheke ukuthi abaneziqu endaweni baqashiwe yini futhi nesibalo sabesifazane abaqashiwe siyagculisa? UNgwezi usho kanje eNtuze, lapho bekuthulwa khona Ibutho Construction ehlomule ngomsebenzi kaR22. 2 million wokuthuthukisa ingqalasizinda uphinde usabalalise amanzi ku-ward 10 no-ward 11 emakhaya awu-205 eDlangezwa.
Kuyalelwe nokuthi kuqashwe izinkampani eziyisithupha ezizolekelela nezizothathwa ngaphansi kwemiphakathi eyakhele uMhlathuze.
"Kuyingozi enkulu uma abantu bendawo benganikwa amathuba ngoba ngeke bakwazi ukukhokhela izindleko zikahulumeni. Kuzoba inkinga uma ekhona amathuba kunikwe kakhulu abantu baseGoli. Angisho ukuthi banganikwa kodwa akube kuyaphoqa ngoba engekho amakhono afanele endaweni ngaleso sikhathi. Yingakho sifuna abafundile baqeqeshwe yilaba abathola imisebenzi," kusho uNgwezi.
Kulo msebenzi waseNtuze, uNgwezi uthe seyazisiwe inkampani ngokulindeleke kuyo.
"Sikhukumile nale nkampani yakuveza ukuthi ivele ifuna nokuqeqesha abanye bonjiniyela bendawo mahhala ukuze babe nesipiliyoni esifanele amakhono abawafundele. Siyakugqugquzela ukuthi izinkampani zisukumele abantu, zibanike amathuba," kusho uNgwezi.
Uthe kulo msebenzi nabesifazane bazothola amathuba ngoba yibona nezingane abasebenzisa amanzi emakhaya ngezindlela ezahlukene.
UNksz Ncane Zibane oyilungu lekomiti lomphakathi, uthe bayaqala ukusukunyelwa.
"Sisebenza ngabantu, sizocela kuqashwe ngendlela okuyiyona. Sizoqinisekisisa ukuthi akulandwa abantu baseGoli sikhona," kusho uNksz Zibane.
UNkk Fikile Ntuli Mkhwanazi oyisakhamuzi, uthe lesi simemezelo simjabulise kakhulu ngoba naye uhleli nezingane ezingasebenzi ekhaya.
"Bayanikwa amathuba omsebenzi abantu kodwa akuvamile ukuthi banikezwe ngendlela efanele. Siyaqala ukuzwa imeya ekhuluma kanje ngoba sihleli nezingane zifundile kodwa azisebenzi, kade sasithenjiswa sibone sekuqashwe abantu esingabazi."