“SASINGEKE sithule, sibukele kucindezelwa ilungelo elibalulekile lokuthi abafundi bathole ukudla ezikoleni zaKwaZulu-Natal. Yingakho sayalela umnyango wezemfundo ukuthi uyihoxise ngokushesha inkontileka ebiphakela abafundi.“
Lokhu kudalulwe nguNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo, wathi baneme ngokufaka ingcindezi emnyangweni ukuze uhoxise inkontileka yePacina Retail, njengoba abafundi sebedla ezikoleni.
UMtolo ukusho lokhu ngemva kokugxekwa ngokuthi ‘bagxambukela’ ohlelweni ngokuthi bamemezele kuqala ukuthi bafuna inkontileka ihoxiswe ngokushesha. Kuthiwa ‘nomnyango’ wadansela isigingci’ ngokushesha wamemezela ngakusasa ukuthi inkontileka iyahoxiswa.
“Abantu kumele bazi ukuthi ilungelo lezingane lihamba phambili kunawo wonke ezweni. Siyajabula ukuthi izikole eziningi zithole ukudla kwenyanga, kanti ezinye zithole okwesonto. Ngokubuka izinto iPacina ihlulekile ukuhlangabezana neyayivumelene ngakho nomnyango.”
Uthe bafuna noma ngubani okuyotholakala emnyangweni ukuthi uyathinteka ekutheni abafundi bangadli, umnyango umthathele izinyathelo.
“Odabeni lokuthi le nhlangano yazihoxela ngoba ifuna ukukhokhelwa nezinye izinto ezithinta inkontileka, zizobangwa enkantolo thina asingeni kuzona. Okusijabulisayo wukuthi abafundi sebeyadla,” kusho uMtolo esithangamini sabezindaba izolo.
Uthe bazoqhubeka baqaphe ngelokhozi ukuthi abafundi bayadla ngoba uhlelo lwalethelwa ukuqeda indlala kanti lathulwa ngowayengumengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela.
UMqondisi jikelele emnyangweni kazwelonke uMnuz Mathanzima Mweli, utshele amalungu ePhalamende, ukuthi maduzane uzophothulwa umbiko ozoveza okwenzeka kulolu hlelo okwadala ukuthi abafundi bangadli.
Uthe izinhlaka ezehlukene okubalwa nehhovisi loMcwaningi Mabhuku jikelele, lizwakalise ukuthi lifuna ukuba yingxenye yokuqapha ngelokhozi uhlelo emva kwezinkinga.
UMweli noNgqongqoshe womnyango uNkk Angie Motshekga, baveze ukuthi uhlelo lokuqokwa kukasonkontileka oyedwa ozophakela izikole, alusetshenziswa kuphela KwaZulu-Natala kodwa nakwezinye izifundazwe kusetshenziswa lona.
Bathi kusebenza uhlelo olufanayo eGauteng, Western Cape, Mpumalanga naseLimpopo, ngoba kongiwa imali uma kuthengwa ukudla okuningi futhi usonkontileka uyakwazi ukuxoxisana nezitolo athenga kuzona ukuze athole isaphulelo.
Akucaci ukuthi abaphakayo esifundazweni njengoba sekubuyelwe ohlelweni oludala lokuthi bazithengele ukudla, bazowenza isikhathi esingakanani umsebenzi njengoba kuthiwa kuzocacisa umthetho.
Kuvele nokuthi izikole zamabanga aphansi zishayeke kakhulu ngokulahleka kwezinsuku eziyisishiyagalombili zokufunda ngoba abafundi bebesheshe badedelwe ngoba bengadlile.