IQEMBU eliholwa ngowayengumengameli uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe Party, lidube umcimbi wokukhishwa kwemiphumela yokhetho emuva kokuthi lehlulekile ukunqanda ukukhishwa kwale miphumela.
Abamele leli qembu bebengabonwa eMidrand, eGauteng nase-ICC eThekwini lapho bekukhishwa khona imiphumela yokhetho lwalo nyaka, abebefuna ukuthi kumiswe ukukhishwa kwayo kuze kulungiswe izikhalo ebezikhona.
I-MK namanye amaqembu, i-ACC, ACP, ACT, ACDP, SUN, COPE, UDM, XILUVA, AADP, PA, CIASA, PMC, AHC, AMC, ARA, UAT, AM4C, APC, AL-JAMAH, SARA, UIM, SARKO, ATM ne-OHM, athumelele le khomishini incwadi yabameli ebiyalela ukuthi lo mcimbi obungeSonto ebusuku esikhungweni samavoti eMidrand, ungaqhubeki kuze kulungiswe izikhalazo.
Encwadini yabameli iBoruchowitz ethunyelelwe ikhomishini, iveze ukuthi lezi zinkinga zingaba nomthelela emiphumeleni yokhetho.
Ithe lezi zinkinga ziphuce ilungelo lalawa maqembu okhetho olukhululekile.
“Yingakho sithi akumiswe ukudedelwa kwemiphumela yokhetho kuze kuphothulwe zonke izikhalazo zamaqembu. Uma kungukuthi ikhomishini ayiphenduli, esibamele bazoqhubeka nezinhlelo zomthetho,” kusho le ncwadi.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto ebusuku, okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bebengeke bakwazi ukuyoba yingxenye yento engekho emthethweni. “Bekuwumhlangano ongekho emthethweni. Ziningi izikhalo esifakiwe ngalolu khetho kodwa i-IEC izositshela ngomzuzu wokugcina ukuthi zichithiwe. Sizobheka ukuthi yiziphi izinyathelo zomthetho esizozithatha ngalokhu.”
Ekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo ebusuku, uZuma uthe akumele imenyezelwe le miphumela yokhetho ngenxa yezikhalazo zamaqembu.
Uthe kumele zilungiswe zonke lezi zikhalazo, wathi ngeke kufe muntu uma ingakhishwa.
“Akekho ozofa uma le miphumela ingamenyezelwa njengoba bekuhleliwe. Abangacasuli abantu, yingakho sithi akubhekisiswe zonke izikhalazo ngaphambi kokukhishwa kwemiphumela,” kusho uZuma.
Usihlalo wekhomishini uMnuz Mosotho Moepya, uthe lolu khetho belunzima kakhulu. Uthe baningi abebencintisana kulona, wathi bagxekwe nxa zonke ngezinkinga ebezikhona.
“Sime kunzima ukuze siqhubeke nomsebenzi wesizwe wokhetho. Nanoma yikuphi emhlabeni uma ukhetho seluphothulwa, isimo siyashuba. Siyabonga kulabo abebesikhulekela, besithumelele imiyalezo yokuthi siqine nakuba besigxekwa,” kusho uMoepya.
Uthe bebethole izikhalazo ezingu-579 zalabo abebekhalaza ngezinto eziningi ezithinta ukhetho. Uke wakuveza ukuthi umthetho ubalula ukuthi imiphumela yokhetho kumele idedelwe ezinsukwini eziyisikhombisa emva kokubanjwa kokhetho.
Uveze ukuthi imiphumela ezokhishwa izoba semthethweni uma isifakwe ngaphansi komqulu kahulumeni, iGovernment Gazette.
Ekhuluma emcimbini wokumemezela imiphumela umengameli uCyril Ramaphosa unxuse ukuthi kuhlonishwe isinqumo sabavoti abanqume ukuthi kungabikhona iqembu elidla umhlanganiso kuzwelonke.
Uthe imiphumela yokhetho iveza imibono yabantu.
“Abantu bakuleli balindele ukuthi abaholi bamaqembu basebenzisane. Bafuna ukuthi kubekwe eceleni ukungaboni ngaso linye, kodwa kusetshenzelwe isizwe. Bafuna ukuthi kuphuculwe izwe, yilokho okuvezwe abantu bakuleli.”
Uthe kumele kulungiswe izinkinga ngokuthula, kulandelwe umthetho wezwe.
“Kuyohlale kukhona ukungaboni ngaso linye, kanjalo nezinkinga ziyohlale zikhona kodwa abantu bafuna sisebenzisane. Iqembu ngalinye lijutshwe ngabantu ukuthi lenze lokho ebelikuthembisile.”
Uthe amaqembu uma eseya ePhalamende kumele azi ukuthi izihlalo akuwona ezawo.
Ubonge abantu bakuleli ngokuqinisa intando yeningi.
“Kumele sibeke abantu bakuleli phambili. Yisikhathi lapho sithandaza khona ukuthi uNkulunkulu asivikele.”
Imiphumela yokhetho iveze ukuthi i-ANC ithole izihlalo ezingu-159 ePhalamende.
Amanye amaqembu athole kanje:
DA-87, MK-58, EFF-39, IFP-17, PA-9, Freedom Front Plus-6, ActionSA-6, ACDP-3, UDM-3, ATM-2, Al Jama-2, Bosa-2, NCC-2, Rise Mzansi-2, Good-1, PAC-1, UAT-1.
Kulolu khetho sehlile isibalo sabantu abaphumile bayovota njengoba bebengu-58.61%. Angu-16 million amavoti angenile kanti angu-212 518 acekeleke phansi.
Ngo-2019, bangu-66.99% abantu abaphuma bayovota kanti amavoti acekeleke phansi ayengu-235 472.
Bangu-17 million abantu abavota ngo-2019.