ITHIMBA lamaphoyisa elalisekhaleni lokuthungathwa kwezidumbu zabantu abaduka ngesikhathi kuhlasela izikhukhula ngo-Ephreli nonyaka, iHilton K9 Search and Rescue Unit, lihloniphe uzakwabo owashona.
Amaphoyisa aklonyeliswe ngoLwesithathu, ngokwenza kahle umsebenzi wawo KwaZulu-Natal, emcimbini obuseCoastlands Hotel eMusgrave, asebenzise indondo ukuhlonipha uzakwabo owasala enkundleni, uSergeant Busisiwe Mjwara (42).
USgt Mjwara washona kanye nenja yamaphoyisa ethungatha umkhondo ngephunga emfuleni uMsunduzi. Ngesikhathi beklonyeliswa kuvele ukuthi angu-743 amahora abawachitha emanzini bebheka izidumbu zabahamba nezikhukhula.
Ekhulumela ithimba ngemva kokwamukela indondo uSgt Jesse Mare, uthe bakubona kufanele ukuthi bamhloniphe ngayo uSgt Mjwara ababesebenza naye ngesiwombe asichaze njengesinzima kunazo zonke emsebenzini wabo.
“Mukhulu umsebenzi esawenza ngesikhathi sezikhukhula, kwaba buhlungu ukuthi adlule emhlabeni simatasa sisebenza,” kusho uSgt Mare.
Uthe kuyo yonke imisebenzi yokuthungatha aseke bayenza beyithimba awukho angawufanisa nalo wezikhukhula zango-Ephreli ngezinga lobuhlungu.
Uthe ukuthola kwabo indondo kubenza bazizwe bethobekile ngokuthi ubuholi bamaphoyisa esifundazweni buyalibona igalelo aabalenza ngesikhathi kunezikhukhula.
“Kuyasigqugquzela ukuthi siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla,” kusho uSgt Mare.
Badalule nokuthi ngesikhathi kunezikhukhula ngoJanuwari nonyaka, ezavalela abantu edolobheni eMnambithi, yibo abajutshwa ukuyotakula abagilwa.
“Sangena emanzini, sizwa ukuthi ayashokha ngenxa kagesi kodwa sawenza umsebenzi wokutakula ngempumelelo,” kusho yena.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ebongela abahlomulile uthe uyaziqhenya ngomsebenzi wabo.
“Abantu bazi kuthi uma bekhathazekile ngokuphepha kwabo, singabavikeli babo. Kwesinye isikhathi umsebenzi wamaphoyisa uyalitshalwa, kungalemiklomelo esikwazi ukuthi sinibonge ngomsebenzi omuhle eniwenzayo,” kusho uMkhwanazi.
Uthe lolu suku lumayelana nokuqhakambisa umsebenzi omuhle owenziwa amaphoyisa yize kwezinye izikhathi ezithola ebhekana nokufa.
Phakathi kweminye imiklomelo egqamile:
Vispol policing and operations employee of the year: level 8-12 - Lt Col TD Maphumulo
Senior manager of the year - Brig MM Buthelezi
Woman of the year - Cpt J Pillay
Man of the year - Sgt C Odayar
FSC Investigator of the year: Level 5-7 - Cst NL Mlotshwa
FSC Investigator of the year: Level 8-12 - Capt KA Schoeman
FSC Investigator team of the year - Inanda FSC Task Team
High risk member of the year - WO PMP Rodrigues
Eminye imiklomelo ekhishwe nguMkhwanazi wathi ibalulekile, ngeyethimba elahlanganiswa ukuthi liphenye ngezibhelu zangoJulayi ikakhulu ngokubulawa kwabantu ePhoenix.
UMkhwanazi uklomelise uCol BB Ntshangase weProvincial Organised Crime, wathi kunamacala akwazile ukuthi athole kuwo izigwebo ezinzima ezinikwe abasolwa.