ABAKHIQIZI bakabhiya iCarling Balack Label, basungule uhlelo oluzosiza amadoda ukuthi akwazi ukusombulula izinkinga zothando agweme ukuhlukumeza abathandana nabo.
Umkhankaso owaziwa ngeChampion for Change uhambisana nowenziwa minyaka yonke owezinsuku ezingu-16, zokunqanda ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane i-16 Days of Activism Against Women and Child Abuse, oqhubekayo kuleli.
UMnuz Arne Rust oyi-brand manager yeCarling Black Label, uthe indikimba yomkhakhaso uthi akukho ukucasha, NoExcuse.
“Ucwaningo luveza ukuthi njalo emizuzwaneni engu-63 kunomuntu wesifazane ohlukunyezwayo ngenxa yalokho senze umyalezo oyimizuzwana ewu-63 okhuthaza amadoda ukuthi ajoyine uhlelo olwenziwa online,” kusho uRust.
Kulo hlelo abesilisa bangena kwi-website baqeqeshwe ngamasu angabasiza ukuze bakwazi ukulawula intukuthelo nokuxazulula izinkinga ebudlelwaneni. Umuntu ofuna ukufunda uzozikhethela ukuthi ufuna ukulwenza ngesiZulu, isiNgisi, iSesotho noma i-Afrikaans.
"Asilindele ukuthi uhlelo iChampion for Change lwenze umlingo ngokushesha. Siqiniseka ukuthi sihlomisa amadoda ngamasu azowasiza ekutheni ashintshe impilo yawo yezothando. Siyazi ukuthi kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuthi kube nomehluko obonakalayo. Sigxile emadodeni ngoba sinenkolelo yokuthi uma ufuna ukuxazulula inkinga kumele ubheke umsuka wayo. Amadoda ngokuvamile kuba yiwo enza izenzo zobudlova ezihlukumeza abantu besifazane," kuchaza uRust.
Uqhube wachaza ukuthi uhlelo ngeke luphele uma sekusongwa umkhankaso we-16 Days.
URust uthe luzoqhubeka luhambisane neminye imikhankaso eyenziwa yiCarling Black Label, njenge-Father a Nation, ekhuthaza ukuthi amadoda abe ngobaba kuzo zonke izingane hhayi ezawo azizalayo kuphela.
Angu-41094 amadoda asejoyinile aba yingxenye yohlelo iChampion for Change. Uqhube wathi ukuze benze isiqiniseko sokuthi umyalezo ufinyelela ebantwini abaningi, ngokuqopha umyalezo oyimizuzwana engu-63 okhuthaza amadoda ukuthi angene ohlelweni olusakazwa eziteshini zemisakazo.
"Lo myalezo uzodlalwa nasezindaweni zokucima ukoma ezinjengamathaveni lapho amadoda etholakala khona. Sinethemba lokuthi ukudlalwa kwawo kulezi zindawo kuzokwenza ukuthi amadoda ajoyine uhlelo lwe-Champion for Change. Sikholwa wukuthi amadoda angene kulo azofunda izindlela ezingcono zokusombulula izinkinga othandweni," kuchaza uRust.