BAHLALELE ovalweni abahlali basehostela iKK KwaDabeka, eThekwini ngenxa yobugebengu obuxakile.
USihlalo wesigceme B, okuyibhuloho uB1 kuya ku-B7, uMnuz Jabulani Khumalo ,ubize umhlangano ophuthumayo ngeSonto enkundleni yezemidlalo eKK, ngenhloso ypkuzobonisana nabahlali ngenkinga yobugebengu.
Kwezinye zezinto ebeziseqhulwini emhlanganweni kubalwa ukugqekezwa kwezindlu, amalambu akhanyisa emaphaseji agcine esentshontshwa ebese kuba ukukhishwa kwamasango okungenwa ngawo.
UMnuz Themba Mngonyama ongumhlali, uthe usegqekezelwe endlini yakhe izikhawu ezimbili kulandelana.
“Ngangisebenza ebusuku ngase ngithola ucingo komunye womakhelwane bami engitshela ukuthi endlini yami kugqekeziwe. Ngathi ngifika ekuseni nangempela kunjalo futhi kuze kube yimanje angikamazi umuntu owenza lesi senzo,” kusho uMngonyama.
Uthe ezintweni ezathathwa ngesikhathi egqekezelwa kubalwa izikibha zomsebenzi, amateku, ithelevishini nakho konke ukudla ayenakho endlini. Uthe ngesikhathi egqekezelwa okwesibili bamthathela amabhuzu, ithelevishini ayeseyithenge isibili nokudla okwakusalile.
Ekhuluma neSolezwe uKhumalo, uthe ziyanda izigameko zokugqekezwa kwezindlu zabantu.
“Izindlu zabantu ziyagqekezwa. Uma umuntu engekho uyifica isigqekeziwe ngoba basheshe babone labo abenza leso senzo ukuthi umniniyo akekho,” kusho uKhumalo.
Uthe uma uhlala endlini kumele ube namaphepha atshengisayo ukuthi uhlala kuleyo ndlu ngokuphelele.
“Uma uhlala endlini ngokusemthethweni, kufanele ube nephepha lento oyikhokhelayo njengamanzi nogesi. Ezikhathini eziningi okusilimazayo, uthola ukuthi umuntu owagcina ebhaliswe ukuthi uhlala kuleyo ndlu kade ahamba futhi wahamba engashintshwanga. Kuthi loyo ongena esikhaleni sakhe, kugcine kungaveli ukuthi ungubani ngoba usuke engabhalisiwe. Okuholela ekutheni izigebengu zigcine zibagcweleza kalula, ngokwazi ukuthi lowo osehlala akabhaliswe ndawo,” usho kanje.
Uqhube wathi isixwayiso anaso ngalesi senzo ukuthi abantu basondele emakomitini, ukuze bavikeleke kwabathatha izindlu ngenkani nokuthi izinto zenziwe ngomthetho ngoba abakhipha abantu ezindlini bafika beyiqulu ebusuku baqhumise izibhamu bese bekhipha abantu ezindlini.
UKhumalo uphethe ngelokuthi kumele kube nokuthula kubahlali basehostela futhi kumele abantu izindlu bazithole ngendlela okuyiyo. Uthe lokho okwenzakala manje akusikho ukuthula futhi akumele lushawe indiva udlame nokwebiwa kwezindlu.
Ikhansela lendawo uMnuz Khulekani Mbhele, aliliphendulanga ucingo ngesikhathi lifonelwa ngalolu daba.