SIMUNCU isimo emphakathini waseDumaneni, oLundi, kulandela ukubulawa kwabayisithupha ngempelasonto ezigamekweni ezimbili ezehlukene.
Esigamekweni sangeSonto kudutshulwe ubaba wekhaya (66) kwaMayise, umkakhe (63) namadodakazi amathathu aneminyaka ephakathi kuka-29 no-36.
Kuthiwa indodakazi eno-29 ishone endleleni eya esibhedlela.
Ikhansela lendawo, uMnuz Thulani Nxumalo, lithe bathole ukuthi laba bahlaselwe abantu abangaziwa abagasele ekhaya ezintatha zangeSonto.
“Abahlaseli bafike badubula wonke umndeni onamalungu ayisihlanu. Ashone wonke,” kusho uNxumalo.
Kuvela ukuthi amadodakazi abengothisha womathathu ezikoleni ezimbili zendawo, iJobo High neKujulukeni Primary.
UNxumalo uthe kwenzeka lesi sigameko nje ngoLwesihlanu emndenini wakwaBiyela kushone umfana oneminyaka engu-16.
“Yena uhlaselwe sekuhwalele. Kuthiwa ubefika ngemoto ehamba namanye amalungu omndeni bebuya ndawana thize. Bafike sebelindiwe abahlaseli abavele bathushuka egcekeni babadubula,” kusho uNxumalo.
Uthe umfana ushonele endaweni yesigameko, kwathi abanye ababili baphuthunyiswa esibhedlela.
“Lukhulu uvalo olukhona emphakathini ngoba bonke laba ababulawayo bahlobene. Emva kwesigameko sangempelasonto, abanye bebecela ngisho nokungena ezimotweni zamaphoyisa ebezihambele izigameko, babaleke kule ndawo,” kwenaba uNxumalo.
Uqhube wathi miningi imindeni esithuthile yahamba ngenxa yokuzibona ingaphephile.
Uveze nokuthi kusuka ngo-2021 bevile ku-20 abantu asebebulelwe kule ndawo, abahlobene.
Ezigamekweni ezimbili ezingaphambi kwalezi zangempelasonto, ngoFebhuwari 2 kwadutshulwa umkhulu walo mfana ona-16 odutshulwe ngoLwesihlanu. Kuthiwa abahlaseli bambulalela ekhaya.
Leso sigameko salandelwa ngesokubulawa kwenduna yendawo, uZuma, nayehamba naye, uMbatha.
Bona badutshulelwa emotweni ngabantu abazenza abacela ukugitshezwa, kwathi uma ima imoto bakhipha isibhamu badubula uZuma, amachaphazelo asale esethela noMbatha, bashona bobabili.
Imizamo yokuthola imindeni ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe amacala ayisithupha okubulala esiteshini samaphoyisa sasoLundi.
“Esigamekweni sangeSonto abafi baneminyaka ephakathi kwengu-29 nengu-66, bahlaselwe ekhaya eDumaneni. Oneminyaka engu-29 ushone endleleni eya esibhedlela, bonke laba abanye bashonele endaweni yesigameko,” kusho uLt Col Gwala.
Uqhube wathi esigamekweni sangoLwesihlanu kudutshulwe umfana (16) wafa.
“Akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya,” kusho uLt Col Gwala.