INYUNYANA yezisebenzi, iPublic Servants Association of South Africa (PSA), KwaZulu-Natal isihlabe ikhwelo lokuthi uMnyango wezeMpilo esifundazweni ulubeke eqhulwini olwenkinga yezokuphepha esibhedlela sikahulumeni eMlaza, iPrince Mshiyeni Memorial.
Lokhu kuza emva kokuthi kusabalale ivideo ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa isiguli, esigxiza igazi, silwa nonogada bakulesi sibhedlela.
Okhulumela iPSA esifundazweni, uMnuz Mlungisi Ndlovu, uthe indaba yokungaqeqesheki konogada balesi sibhedlela yinto okufanele ngabe iyawukhathaza umnyango.
Uthe kuyadabukisa ukuthi lesi sibhedlela singesinye sezibhedlela ezibalwa nezinkulu ezisemalokishini futhi ezamukela umthamo omkhulu weziguli kodwa yiso esibukeka singanakiwe kunazo zonke uma kuziwa ngakwezokuphepha.
“Asikho isibhedlela esingaphephile njengalesi. Sinomuzwa wokuthi onogada bakhona abaqeqeshekile ngendlela efanele,” kusho uNdlovu.
Uthe kunomehluko phakathi kukanogada onikezwe umsebenzi wokugada indawo eneziguli, unogada wezimoto ezithwala imali nalabo abagada iziteleka nokunye.
“Kubalulekile ukuthi umnyango ubaqeqeshe onogada bezibhedlela, bacijwe ngokuthi baphathana kanjani neziguli ezisuke zizofuna usizo esibhedlela,” kusho yena.
Uthe abafuna ukukubona kwenzeka ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu mayelana nesigameko esaqoshwa kuleya video okwakushayana kuyo unogada nesiguli.
“Akwenziwe uphenyo bese kuthathwa izinyathelo ezifanele,” kusho uNdlovu.
Uthe bayakuqonda ukuthi kwezinye izikhathi iziguli yizo ezichukuluza izisebenzi kodwa wathi uphenyo kuphela olungaphuma nezimpendulo zokuthi kwenzekani kahle hle ngokusuku lwesigameko.
Eshayela isipikili senkinga yezokuphepha kulesi sibhedlela, uthe nyakenye kube nesigameko lapho kuthunjwe khona inesi yimoto engaziwa ngaphandle kwesibhedlela.
Wabuye wakhala ngokuthi iziguli nezisebenzi zilahlekelwa yizimpahla, zintshontshwa yizinswelaboya ezingena ngaphakathi esibhedlela.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe umnyango usubize umhlangano ophuthumayo nezinhlaka ezithintekayo.
"Njengomnyango asihambisani nezigameko zodlame ngaphakathi ezikhungweni zethu. Sesithintene nenkampani yonogada ethintekayo, kanti isizithathile izinyathelo ezifanele ngonogada bayo," kusho uMaphisa.
Uqhube wathi isiguli sikutholile ukwelashwa esikudingayo.