INHLANGANO ebhekele ukuthula nozinzo emahostela isola uhulumeni ngokuzithela ngabandayo ekuvikeleni abahlala kulezi zindawo.
Lokhu kuvezwe uMnuz Mthembiseni Thusi ongumkhulumeli woBumbano lwamaHostela emuva kwesigameko sokuqothwa kwabantu abayisishiyagalombili ehostela eGlebelands, eMlaza ngoMgqibelo.
UThusi uthe ayikho neyodwa into esiyenziwe uMasipala waseThekwini ezintweni ezaphakanyiswa embikweni woMvikeli woMphakathi ngemuva kophenyo ngaleli hostela elase liphenduka inkundla yokuqothwa kwabantu.
Udalule ukuthi namanje awekho amakhamera, akubiyiwe kwafakwa amasango nabaqaphi nemishini ehlonza abangenayo nabaphumayo.
“Ngisho umbutho wamaphoyisa awusifakile isiteshi esingumahamba nendlwana kuleli hostela. Amanzi ayagxaza, utshani nezikhotha akusikiwe. Ugesi okhanyisa emigwaqweni awukho, kumnyama nje kwamanye amahostela,” kusho uThusi.
Ukhale ngoqhekeko ebuholini be-ANC eThekwini wathi lunomthelela ekungahanjisweni kwentuthuko emphakathini.
Uphinde wakhala ngokudayiswa kwabantu athe kwenziwa ngamanye amaphoyisa.
Uthe kunamaphoyisa okuthi uma ethishiswa abantu ngobugebengu obusuke benzeka emphakathini, aluthathe lolo lwazi aludalulele izinswelaboya.
“Abantu bagcina sebesaba ukutshela amaphoyisa izinto ezenzeka emphakathini ngoba besaba ukuthi abazi ukuthi lolo lwazi luzophelelaphi. Ngeke kube ukuthi abekho abantu abazi ukuthi kwenzekeni eGlebelands kodwa nowaziyo uzothula ngoba esaba,” kusho uThusi.
Usigxekile isigameko esenzeke eGlebelands wathi sizoshiya izintandane, abafelokazi sidale nendlala.
“Kusethusile okwenzekile ngoba bese kunokuthula emuva kwezidubedube. Sifuna amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingekho emthethweni okuqothwa ngazo abantu,” kusho uThusi.