IZINYUNYANA zigxeka uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ngokuwa kwezinkampani ezingaphansi koMbuso.
I-South African Cabin Crew Association (Sacca) izwakalise ukuphoxeka ngokuvalwa kwenkampani yamabhanoyi iSA Express.
Le nkampani eyasungulwa wuhulumeni ngo-2007 ivaliwe ngenxa yokuthi ayinamali kanti inkantolo igunyazwe ukuthi kudayiswe impahla yayo ukuze kukhokhwe izikweletu enazo.
UNkk Zazi Nsibanyoni-Mugambi onguMengameli weSacca, uthe izinkampani zikahulumeni ziyafa ngaphansi kweso likaGordhan ngakho kufanele ikomiti elibhekele amabhizinisi kahulumeni ePhalamende lenze umsebenzi walo.
“Siphoxekile ukuthi inkantolo igunyaze ukuvalwa kweSA Express ngoba senze konke okusemandleni ukuyihlenga. Okubuhlungu wukuthi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni ubelokhu esonge izandla.
Njengamanje ayikho inkampani kahulumeni eqhuba kahle kodwa yena uhlezi unethezekile. Uziwisa ngamabomu izinkampani zikahulumeni.
Njengamanje abasebenzi bazolamba ngenxa kaGordhan namalungu ePhalamende angawenzi umsebenzi wawo,” kusho uNkk Nsibanyoni-Mugambi.
Amazwi akhe enanelwe nguNobhala jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, oveze ukuthi ikomiti elibhekele ukusebenza kwemali kahulumeni alenzanga ngokwanele ukuhlenga iSA Express.
“Uma ubheka zonke izinkampani zikahulumeni zisezigabeni ezihlukene zokuwa. Zonke azinamali, zihlale zidinga ukutakulwa. Inkohlakalo idla lubi futhi amalungu ePhalamende akukhoakwenzayo ukulwa nenkohlakalo. Siyile enkantolo kodwa kwacaca ukuthi nababhekele ukuhlengwa kweSA Express abazimisele ukuyihlenga. Bebengafuni ngisho ukuba nemihlangano nathi,” kuchaza uJim.
Uveze ukuthi bazamile ukuthola abatshalimali kodwa bachithwa benganikwanga ngisho ithuba.
Ucele ikomiti elibhekele ukusebenza kwemali kahulumeni ukuthi liphenye ukuziphatha kukaGordhan neqhaza abe nalo ekuvalweni kweSA Express. Kubhekwe nokuthi ezinye izinkampani zikahulumeni uziphethe kanjani.
Uthe kufanele leli komiti liphenye nalabo akade bebhekele ukuhlengwa kweSA Express njengoba bebengafuni ukuhlangana nezinyunyana, ekhala ngokuthi lokhu kube nomthelela ekutheni le nkampani ivalwe ngaphandle kokunika abatshalimali ithuba lokuyihlenga.
Uthe abasebenzi baseSA Express bazoba yingxenye yezinkumbi zabantu eziswele umsebenzi ngenxa yokuthi uMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni uwuwisile umkhakha wezindiza.
Esitatimendeni uMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni uzwakalise ukuphoxeka ngokuvalwa kweSA Express.
Uthe isizathu esiholele kulokhu wukuthi abatholakalanga abatshalimali abazothenga le nkampani.
Uveze ukuthi inkohlakalo yeminyaka neCovid-19 yikona okuholele ekutheni le nkampani igcine isivalwa.
Uye wacela izinhhlaka zomthetho ukuba zibophe okunobufakazi bokuthi bayathinteka enkohlakalweni ewise iSA Express.