IZINHLANGANO ezibhekelele abaphila ngezibonelelo kuleli zithi kuyihlazo ukwenyuswa kwemali eyisibonelelo sabangasebenzi u-R350 ngo-R20.
UNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uthe isibonelelo sabangasebenzi esiwu-R350, sizoqala ukukhokhwa sesiwu-R 370 ngo-Ephreli 1, nonyaka. UGodongwana usho lokhu ekhuluma ePhalamende, ngesikhathi ecacisa ngodaba lokwenyuswa kwemali kuleli ngeledlule.
Lesi sibonelelo saqala ngo-2020, ngenhloso yokusiza abaphelelwa umsebenzi ngesikhathi kuhlasele iCovid-19 kodwa izinhlangano ezimele abahola izibonelelo ezingaphansi kweGlobal Reformed Advocacy Platforms for Engagement (GRAPE) zithi, uR20 ngeke wenze mehluko kwabahola le mali.
UNkk Bukelwa Hans ongumdidiyeli uthe lesi sibonelelo asikaze sinyuswe selokhu saqala ukuba khona, ngaphezu kwalokho, ukudla kwenyuke kakhulu okwenza ukuthi abahola lesi sibonelelo bangakwazi ngisho ukuthenga ukudla okuzohlala isonto ngale mali.
"Ngale mali abahola lesi sibonelelo bathenga ukudla okuhlala izinsuku ezimbili kuya kwezintathu, bekungagcono ukuthi yenyuswe ngo-R90 obekungenza ukuthi okungenani bakwazi ukuthenga ukudla okuzoqeda isonto. Le mali kwesinye isikhathi ifakwa emabhange, amabhange athathe izindleko zawo, abahola le mali bagcine behola ubala," kusho yena.
Uthe uyazi ukuthi uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, wathi bangu-11 million ababhalisele lesi sibonelelo kodwa uyazi ukuthi bangu-9 million abasiholayo.
"Uhulumeni ngokubona kwethu ubengakwazi ukwenyusa ngemali ethe xaxa ukube ubonisana nabantu abathintekayo, angathathi izinqumo engenalo ulwazi. Okunye okufaka ngcindezi intela yentengo iVAT efakwa uma uthenga. Kwabampofu le ntela yenza izinto zibe nzima kakhulu," kusho yena.
IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezoBulungiswa kuleli, uMnuz John Jeffrey, ephawula mayelana nalesi sibonelo nokuthi sisiza ekutheni abantu bathole ilungelo lokudla kakhululazi izingane, uthe lesi sibonelelo sengeza phezu kwezinye izibonelelo ezikhona ezifana nesibonelelo sezingane nokuthi izingane ziyadla ezikoleni.
"Sasenzelwe ukuthi sisize abantu abaphelelwa umsebenzi kakhulukazi ngo-2020 ngesikhathi kuhlasele iCovid-19," kugcizelela uJeffrey.
Ngenyanga edlule, izinhlangano ezizibiza nge- Alternative Information and Development Centre (AIDC), okuyi-Amandla PE Forum, iBack to Work Campaign (B2WC), iBlack Sash, iCry of the Xcluded, iFight Inequality Alliance South Africa, iGlobal Reformed Advocacy Platforms for Engagement (GRAPE), i-Institute for Economic Justice (IEJ), i#PayTheGrants, iTreatment Action Campaign (TAC), iTrust for Community Outreach and Education (TCOE) ne-350Africa.org, zimashe ngaphambi kokuthi kwethulwe isabelomali salo nyaka.
Bezifuna ukuthi ukuhulumeni anikeze isibonelelo esiqala ku-R1 500, kumiswe ukuncishiswa kwesabelomali, kukhushulwe intela kwabacebile, kuphinde kunikezwe izidingongqangi zamahhala kubo bonke abadla imbuya ngothi, uhulumeni aqhamuke namanye amasu okuphatha izikweletu zomphakathi.