INHLANGANO i-AfriForum, isola abezokushushisa (NPA) kuleli, ngokugeja umgodi ngokunqaba ukushushisa uNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula. Lokhu kwenzeka ngemva kokuqubuka kwezinsolo zokuthi uMbalula, wagwazelwa ngokuthi kukhokhelwe izindleko zohambo lweholidi lakhe nomndeni.
UMbalula wathatha uhambo ngo-2018, ngesikhathi esengungqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke.
AbeNPA banqume ukuthi bangamshushisi uMbalula ngezinsolo zohambo lwaseDubai, nomndeni wakhe. Kwavela ukuthi uhambo olwadla uR 300 000, lwalukhokhelwe wumndeni wakwaDockrat, oyamaniswa nenkampani iSedgars and Sport and Reimon Uniforms.
Udaba lwabikwa kuMvikeli woMphakathi wenza uphenyo wadlulisela kwabezokushushisa ukuthi balubhekisise kahle. Abezokushushisa bami ngelithi abakwaDockrat, babemboleka uMbalula imali futhi wayikhokha emuva kwesikhathi.
Abezokushushisa bathi uma bebheka idokodo babona bungekho ubufakazi obungaholela ekutheni bashushise ngempumelelo.
Okhulumela i-AfriForum, uMnuz Barry Batemen, uthe kasiphusile isinqumo sokungamshushisi uMbalula.
“Siyajabula ukuthi abezokushushisa bagcine bethatha izinyathelo ngalolu daba kodwa isinqumo sabo asiphusile futhi siphambene nomthetho. Sikholwa wukuthi kwakhona ukuthi bagcine benqumile, kudalwe yingcindezi ebifakwa yithina. Sizohlala phansi sibuke ukuthi yiziphi izinyathelo esingazithatha ukuze kube khona ubulungiswa kulolu daba