Okhulumela imindeni yabasolwa ecaleni lokubulawa kwaloyo owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, ukubize ngamanga aluhlaza ukuthi obefake isicelo sebheyili, uMnuz Bongani Ntanzi, akanalo ikheli eliqondile.
UNksz Sinqobile Maphisa ukhulumela imindeni yabayisihlanu abasolwa ngokubulala kuleli cala elibuyela namuhla eNkantolo eNkulu yasePitoli.
NgoLwesihlanu, iJaji uMnuz Aubrey Ledwaba, lenqabele uNtanzi ibheyili, lithi umsolwa wehluleke wancama ukuveza izizathu ebizokwenza inkantolo imzwele okukhona kuzo nobufakazi bekheli likamsolwa eliqondile.
UNksz Maphisa uthe ukucacisa ngokudideka okuvele ngesikhathi uLedwaba ededela isinqumo sakhe, akulona iqiniso ukuthi uNtanzi akanalo ikheli eliqondile.
“Sabanika ikheli laKwaZulu-Natal nelaseCarltonville lapho ayehlala khona ngesikhathi eboshwa. Le nto yokuthi akalilethanga ikheli eliqondile ingamampunge,” kusho uNksz Maphisa.
Uqhube wathi bakholelwa ekutheni inkantolo iyawazi umshikashika ephezu kwakho ngoba uthi uze wanikela ngisho nangekheli lomuzi wakhe ukuthi kube yilo elingasetshenziswa uNtanzi uma ekhishwa ngebheyili.
“Kodwa abazange bafune nokuyizwa leyo,” kusho uNksz Maphisa.
Uthe abakuthandayo ukuthi akusekude kuvele bonke ubufakazi obudingekayo kuleli cala.
Njengoba leli cala libuyela namuhla enkantolo, kulindeleke ukuthi kuqale ufakazi omusha okuthiwa naye wayekhona endlini ngosuku lwesigameko.
Ngesikhathi liguqa ngoNovemba, nyakenye, leli cala kwakukade ubufakazi bethulwa ngowayengumngani kaSenzo, naye owayekhona endlini ngosuku lwesigameko, uMnuz Tumelo Madlala.
Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi abasolwa ababili, uMnuz Muzi Sibiya noMnuz Bongani Ntanzi sebezoba nommeli omusha, u-Advocate Sipho Ramosepele.
URamosepele wacela ukuthi kuhlehliswe izinyanga ezithile ukulalelwa kwecala ukuze ezothola isikhathi esanele sokuthi afundisise okuqukethwe yidokodo aphinde alalela ubufakazi obase bethuliwe ngaphambi kwenkantolo.
Kulindeleke ukuthi njengoba libuyela enkantolo namuhla leli cala, ukulalelwa kwalo kuqhubeke kuze kube uMeyi 26.
Emva kwalokho, kulindeleke ukuthi liguqe isonto elilodwa ngaphambi kokuthi libuye libuyele enkantolo ngoJuni 5 kuya kuya ku-June 15.
Kwenzeka lokhu nje, ikhomishini, iJudicial Service Commission, isinxuse uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuba amise emsebenzini iJaji uTshifhiwa Maumela, oyijaji kuleli cala.
UMaumela usolwa ngokwehluleka ukukhipha izinqumo ezifanele ngoxhaxha lwamacala abewangamele kusukela ngo-2018.