AWAZI ukuthi uzothathani uhlanganise nani ukungcwaba ilungu lawo umndeni osuhlale emakhandleleni kusukela ngoFebhuwari nonyaka. Inkinga enkulu lo mndeni obhekene nayo wukuthi awunayo imali ewuR60 000 yokukhokhela abangcwabi baseThekwini ukuze kudedelwe isidumbu selungu lawo.
Umufi, uNksz Nomathamsanqa Bontshana (37), odabuka eMatatiele kodwa owayekade eqashe esigcemeni kwa-G, eMlaza, kuthiwa ugule isigubhukane kwagcina kumenele. Akucaci ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uNksz Bontshana athathwe ngabamakhaza azimele ekubeni kungekho owomndeni owanika imvume yalokhu.
Ilungu lomndeni, elicele ukuba lingadalulwa, lithe sebezame konke okusemandleni ukuthola usizo lwemali ukuze bamfihle, bangqongqoza naseminyangweni kahulumeni becela usizo lokuthi angcwatshwe umufi kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Uthe ngaphandle kokuthi bayehluleka ukukhokhela izindleko zokumbuyisa ekhaya nezokumngcwaba, sekuyibona abahlalelwe yisikweletu sasemakhazeni yize kungebona abanika amakhaza imvume yokuthi bamthathe futhi bagcine isidumbu sakhe isikhathi esingaka.
“Thina sathola sekunesikhathi esingangenyanga ukuthi ushonile. Vele bese kunesikweletu esingazi sizosikhokha ngani njengoba manje sesize safinyelela kuR60000. Asisazi manje ukuthi senzenjani ngoba iqiniso lithi imali ayikho futhi akekho umuntu osebenzayo lapha ekhaya,” lisho kanjena.
Libalise ngesikhathi eside kakhulu elithe sesiphelile manje. Liveze ukuthi umufi washona ngoFebhuwari 22,bathi uma bezwa ngokushona kwakhe bakhanyisa izibani njengesiko elenziwa uma kushone ilungu lomndeni ngesikhathi abanye bezama imizamo yokuthi abuyiswe ekhaya bamfihle kodwa kuze kube manje imizamo yabo ayiphumeleli.
UMnuz Bheki Dlamini, onenhlangano ebhekelele izinkinga zomphakathi waseMlaza namaphethelo, uthe nabo bakhungathekile kakhulu ngale ngwadla.
UDlamini uthe sebezame konke okusemandleni ukuze umufi athole ukungcwabeka kodwa usizo alutholakali yize bebaningi abantu asebeke bakhuluma nabo kodwa alukho usizo abalutholayo.
“Lo mndeni ubonakala ubhekene nobunzima obukhulu. Bayaludinga ngempela usizo oluphuthumayo. Kunzima ukubona umndeni wakithi uzithola ubhekene nalo mshophi,” usho kanjena.
UDlamini uthe isidumbu sikamufi sisemakhazeni azimele akuGale Street, eThekwini. Uthe okunzima kakhulu ukuthi iyakhuphuka imali njengoba usuku nosuku luyimali uma kunesidumbu esigcinwe emakhazeni. “Nami ngike ngazama ukukhulumisa nabangcwabi bavuma ukuthi bangayehlisa imali. Kodwa kuyefana njengoba umndeni ungenalo ngisho isenti lokungcwaba ilungu lawo,” usho kanjena.
Isolezwe lithole ukuthi umufi ushiye emhlabeni abantwana ababili, umfana nentombazane. Uthe baxhumanile noMasipala waseMatatiele mayelana nokuthi ungenelele kule nkinga.
Okhulumela uMasipala waseMatatiyele, uMnuz Luncedo Walaza, uthe lufikile kubona udaba, umndeni kamufi ufuna usizo kumasipala kodwa inkinga ukuthi nabo abanayo imali enguR60 000 okumele ikhokhelwe inkampani yabangcwabi yaseThekwini.
“Esingakwenza njengoMasipala waseMatatiele ukukhulumisana nezinkampani zabangcwabi zangapha esisebenzisana nazo ukuthi zifake isandla ukungcwaba umufi. Zona zingaxhasa ngebhokisi lomngcwabo ziqhube nomngcwabo kodwa inkinga enkulu yilo R60 000 odingekayo,” echaza.
Uthe umasipala awunayo ibhajethi yokusiza abantu abasuke beshonile kungaziwa ukuthi bazongcwatshwa kanjani.
UNksz Nu Buhlalu, ongumphathi wenkampani yabangcwabi lapho kugcinwe khona isidumbu, uthe ngeke basidedele isidumbu kungakhokhiwe.
“Sesihlale naye isikhathi eside kakhulu. Akulula ukuthi singasidedela isidumbu kungakhokhiwe,” usho kanjena.
Uthe isidumbu sesizesabola. “Phela siyabola ngisho sisemakhazeni isidumbu uma sesihlale isikhathi eside kakhulu singangcwatshwa,” echaza.
Uthe bebesigeza njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu kodwa manje uthi asisagezeki ngoba kasisathinteki siyaphucuka.
Uthe yena ukuze athathe isidumbu, wathintwa umuntu amaziyo emazisa ngowesifazane oshonele endlini. Uthe ngesikhathi befika bathola ukuthi umufi akanawo nomazisi.
Okhulumela inhlangano yabangcwabi, iNational Funeral Practitioners Association of South Africa (Nafupa SA), uthe uyalwazi usizi lwabantu abamnyama.
Uthe kungakuhle uma umndeni ungaxhumana nabo kubonakale ukuthi bangaluxazulula kanjani lolu daba.
“Sizimisele ngokulekelela nangokuthi baxoxisane nenkampani yabangcwabi okuyiyona egcine isidumbu. Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Mhlaba Memela, uthe bayazwelana nomndeni, wathembisa ukuthi bazowuthinta ukuze bawulekelele ngezidingo ezifana nokudla nokuthi amalungu omndeni athole usizo lokululekwa ngokwengqondo uma beludinga.
Uthe mayelana nosizo lokungcwaba othandiweyo wabo, umndeni kumele uthinte umasipala ngoba bona abafiki endabeni yokungcwaba.