UPHIKO lwezokushushisa kuleli lincome ukugwetshwa ngempumelelo nomsebenzi wamaphoyisa kugixatshezwa odilikajele abalahlwe yicala lokubulala inyanga eGingindlovu, ngoFebhuwari 2017.
INkantolo eNkulu eMthunzini, ebihleli eThekwini, igwebe udilikajele uDuduzile Philisiwe Gumbi noNgcebo Sheperd Khuzwayo, ngecala lokudubula babulale inyanga.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uKhuzwayo uphinde wagixatshezwa ngeminyaka emibili nezinyanga eziyisithupha ngaphezulu ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
“Umsolwa wesithathu, uMnuz Fisokuhle Mfeka, waphanjanelwa yikhanda ngaphambi kokuqala kwecala, nokwaphoqa ukuthi athathwe njengesiguli soMbuso,” kusho uNksz Ramkisson-Kara.
Enaba ngaleli cala, uthe uDuduzile nomufi uNksz Zandile Zondo, baxabana bebanga indawo, nokwaholela ekutheni uDuduzile aqoke ukumbulala ngosizo lukaKhuzwayo ebambisene noMfeka.
“Ngelanga lesigameko, amadoda amabili ayehlome ngesibhamu agasela emzini kaNksz Zondo, ezenza abantu abazocela usizo lwesintu. Kwathi sebenomufi, uMfeka wamdubula, maqede bashaya bachitha bemshiya efile.
“UDuduzile wabe esekhokhela uKhuzwayo ngokumenzela umsebenzi wokubulala uNksz Zondo, nokwalandela ngokuthi bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela emva kwamasonto ambalwa kwenzeke isehlo,” kunaba uNkk Ramkisson-Kara.
Enkantolo, u-Adv Dan Magwaza usebenzise ubufakazi beselula nesitatimende sokuvuma icala sikaDuduzile njengobufakazi obuqandula ikhanda kokubagojela kuleli cala.
“U-Adv Magwaza usebenzise nobufakazi bendodakazi kamufi lapho yaveza khona ukuthi unina wayewumuntu olungile futhi onomusa, nokuthi ukushona kwakhe kuwuhlakaze kanjani umndeni.
“Yaphinde yaveza ukuthi selokhu ashona, ukuba sekhaya kuyisikhumbuzo sokuthi ayisenamama, nokuthi ikuthola kunzima kangakanani ukuphila ngaphansi kwaleso simo.
“Inkantolo isikhipha isigwebo, ibahlulele njengabangabafanele ukuphatha isibhamu, yase inqaba isicelo sabo sokudlulisela phambili ukutholwa benecala nokugwetshwa kwabo,” kuchaza uNkk Ramkisson-Kara.