INKANTOLO yesiFunda KwaDukuza igwebe kanzima abesilisa abalahlwe yicala lokudlwengula ingane.
Laba balisa abaneminyaka engu-25 no-28 ubudala, amagama abo agodliwe ukuvikela umgilwa, bagwetshwe udilikajele neminyaka engu-18 ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-15 ubudala.
Isigameko senzeka ngoJulayi 2018 eNonoti.
Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko, umgilwa wayehamba nomzala wakhe omncane beya kwagogo wabo ngesikhathi beficana nabalisa ababili abaziyo umzala wakhe.
“Abasolwa batshela umzala omncane ukuba ame ngaphandle ngesikhathi bevalela umgilwa endlini beshintshana ngaye bemdlwengula. Oyedwa wabasolwa wathembisa ukumbulala uma engathi vu ngokwenzekile,” kusho uNatasha Ramkisson-Kara okhulumela i-NPA.
Uqhubeke wathi umgilwa wayesaba ukukhuluma ngokwenzekile kodwa ngokuhamba kwesikhathi wabikela ilungu lesonto asonta nalo.
Udaba lwadluliselwa kunina nasemaphoyiseni. Umgilwa wahanjiswa eThuthuzela Care Centre KwaDukuza, lapho athola khona ukwelashwa ngokwengqondo.
Icala laqhubekela enkantolo lapho abashushisi uMnuz Joseph Titus noNksz Nokwanda Mthembu banxuse inkantolo ukuba abasolwa ibanikeze isigwebo esiqinile.
Umsolwa oneminyaka engu-25 ugwetshwe udilikajele ngoba wayengaphandle ngoshwele wecala lokubulala ngesikhathi enza leli cala lokudlwengula.
Umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala yena ugwetshwe iminyaka engu-18.