AGIXATSHEZWE ngeminyaka engu-20 umuntu emunye amadoda, amabili alahlwe yicala lokuduna imoto nelokutholakala nempahla eyebiwe.
UNkosingiphile Makhoba (29) benoKhanyiso Mahlulele (32) basanda kugwetshwa yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Umuntu emunye ugwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokuduna imoto nemihlanu yokutholakala nempahla entshontshiwe.
Kuthiwa ngoNovemba 2021 izithandani zapaka imoto yazo ngaphandle komuzi oseGreenwood Park, eThekwini kanti kuzoqhamuka uMakhoba noMahlulele bazikhomba ngesibhamu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe la madoda aphanga izithandani izimpahla, ashaya achitha nemoto yazo.
UNetshiunda amadoda avulelwa icala, athungathwa aze atholwa emuva kwezinsuku eziyisishiyagalolunye ngabophiko lwamaphoyisa iPublic Order Policing ePort Shepstone.
“Umseshi uSergeant Nhlanhla Mhlongo uwenzisisile umsebenzi wakhe, eqinisekise ukuthi la madoda agcina egwetshiwe,” kusho uNetshiunda.
Uveze ukuthi ubuchule nobunyonincwi obebuqukethwe ophenyweni obelwenziwa wuMhlongo kwamukelwe yinkantolo, kwaqinisekisa ukuthi ekugcineni buyenzeka ubulungiswa.