KULINDELEKE ukuthi lidume libathathe bagwetshwe kusasa abalisa abangu-8 abalahlwe wuxhaxha lwamacala aphathelene nokuqothwa kwabantu ngesibhamu ehostela eGlebelends, eMlaza, eThekwini. Abalisa okuthiwa babengobhongoza bebulala abantu balahlwe amacala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngasekupheleni konyaka odlule kwase kubekwa olwakusasa ukuthi bagwetshwe.
Ukubulawa kwabantu emahostela kuleli kudla lubi aze asolwe ngokuba yisidleke sezinkabi nalapho okuthukuswa khona inqwaba yezibhamu ezingekho emthethweni. uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele wakhala kakhulu ngamahostela wathi afuya izinkabi.
Ihostela iGlebelands liba yinkinga kakhulu laziwa ngokuba kwajombigazi ngenxa yezidumbu ebeziphuma njalo khona. Kuthiwa lokhu bekudalwa wumbango wokufuna ukuphatha ihostela kubangwa izindlu , imibhede nemali eyayiqoqwa ngodli kwabahlala khona kungaziwa ukuthi eyokwenzani. Kuthiwa ababekhombisa ukuphikisana noma bebuza imibuzo ngalokhu babeyiswa kwagoqanyawo.
Lokhu kwaholela ekutheni iziphathimandla zijube ithimba lamaphoyisa elingagayelwa mphako lisebenzisa nezobunhloli lagcina likwazile ukubagojela abalisa laba nobufakazi obuqanda ikhanda enkantolo.
Izigameko zokubulawa kwabantu ezinye zenzeka phakathi kuka-2014 no-2016 lapho okwakubatshazwa kubatshaziwe sikhala isibhamu sidle umuntu. Abanye babefela ukuthi bangofakazi emacaleni okubulawa kwabantu, omunye wadutshulelwa emagcekeni enkantolo ayezofakaza kuyona.
Ababulawa woSiniko Ncayiyana , Thulani Kati, Sipho Ndovela, Themba Pina, Nkosinathi Ndovela, William Mthembu, Thokozani Machi, Mzwandile Gawuza noLucky Mtwa.
Abalahlwe amacala wummangalelwa wokuqala uBhekukwazi Louis Mdweshu owayeyiphoyisa eliwumseshi esiteshini iDurban Central , owesibili uKhayelihle Mbuthuma , owesithathu uVukani Mcobothi , owesine u-Eugene Hlophe , owesihlanu Ncomekile Ntshangase , owesithupha Mbuyiselwa Mkhize , Mondli Mthethwa owesikhombisa nowesishiyagalombili uBongani Mbhele.
UMdweshu osolwa ngokuba wubhongoza ekugileni imikhuba, ulahlwe yicala lokuhlela ukubulala namane okuzama ukubulala. Kwavela nokuthi umbutho wamaphoyisa wamkhomba indlela emuva kokuboshwa kwakhe. UMbuthuma ulahlwe amacala amane okubulala. UMcobothi ulahlwe elilodwa lokuhlela ukubulala , amane okuzama ukubulala namathathu okubulala. UHlophe ulahlwe amane okuzama ukubulala. UNtshangase ulahlwe amane okuzama ukubulala.
UMkhize ulahlwe amabili okubulala. UMthethwa ulahlwe amabili okuzama ukubulala , amabili okubulala , elokuphatha isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. UMbhele ulahlwe amabili okubulala. Amehlo azobe ethe njo ejajini ukuzwa ukuthi libagweba isikhathi esingakanani ezikhindini.