ABOMKHALAMBAZO bagubhe uSuku lweNkululeko iFreedom Day ngokwabelana ngolwazi nomphakathi waseLindelani, eThekwini ukuthi lo mdlalo ubaluleke ngani.
Bathe sekujwayelekile ukuthi emalokishini abadlali bomkhalambazo bahlaselwe ngoba kwesatshwa ukuthi bayalwa kanti lo mdlalo akuwona owokushaya abantu.
Unobhala weDistrict 3 kwezemidlalo ehlanganisa i-Ntuzuma, KwaMashu neNanda, uSensei Mlungisi Mlaba, uthe abanye abantu abawuqondi umkhalambazo ukuthi ufana neminye imidlalo baye babone kuliwa bese becabanga ukuthi ngeke bakwazi ukubhekana nabadlala lo mdlalo uma kuliwa bese bencamela ukubadubula uma bengazwananga nabo.
" Sinezigameko ezimbili zokudutshulwa kwabadlala umkhalambazo ezenzeke kulo nyaka. Umkhalambazo umdlalo, uyafana neminye imidlalo. Uma silwa sisuke siqhathiwe njengasesibhalekeleni hhayi ngoba singabantu abakhonze ukulwa kodwa indlela umdlalo ohlelwe ngayo," kusho uMlaba.
UShihan Khanyisani Mazibuko uMengameli wenhlangano, i-International Karate Organisation (IKO) Matsushima, uthe baqoke ukuba seLindelani ngalolu suku ngoba le ndawo idume ngezinto ezingezinhle , bafuna ukukhuthaza izingane ezizalwa kule ndawo ukuthi zijoyine umkhalambazo ukuze zigweme ukungena ezintweni ezicekela impilo yazo phansi.
"Le ndawo namanye amalokishi akhelene nayo seyidume ngokuba nentsha esebenzisa izidakamizwa nokuphuza ngokweqile. Sifisa ukukushintsha lokho ngokuthi sikhuthaze wonke umphakathi ukuthi ujoyine umkhalambazo ukuze ufunde ukuziphatha, ukulawuleka, ukulandela indlela ethile yempilo, kanye nokuzivikela uma kunesidingo," kusho uMazibuko.
Uthe umkhalambazo muhle kakhulu ezinganeni ngoba uma zidlala wona azibi naso isikhathi sokuba uvanzi okugcina kuzenze ukuthi zijoyine amaqembu angalungile.
Laba badlali bomkhalambazo bazilolonge nezingane zakule ndawo ezifuna ukwazi ukuthi kujinywa kanjani kumkhalambazo.
UNksz Zanele Khanyile obengomunye wabazali abebezobuka ehamba nendodana yakhe eneminyaka emihlanu, uthe ubefuna ingane yakhe ibone ukuthi kwenziwa njani khona izoyijoyina.
"Ngifuna indodana yami ikhethe ezemidlalo ezozenza ukuze iqoqeke. Ingane edlalayo ayinaso isikhathi sokuba uvanzi. Uma udlala umkhalambazo uba nenhlonipho futhi iyalawuleka ngoba kunosikompilo lwakhona olulandelwayo. Abawudlalayo abacebi kodwa bayalithola ithuba lokuhambela amanye amazwe. Ilokho engikufisela ingane yami," kusho uNksz Khanyile.
ULondeka Ngobese (12) ofunda uGrade7 eDuduzani Primary, ohlala kuyo le ndawo , uthe unezinyanga ezintathu ejoyine umkhalambazo futhi kumjabulise kakhulu ukuhlanganyela nasebemnkantshubomvu kulo mdlalo.