ABESIFAZANE ebebehambele umcimbi we-High Tea ebihlelwe ngusomabhizinisi uNkk Nqobile Mthembu, bagonyuluke ngezimo abadlule kuzona empilweni.
Umcimbi ubuhanjelwe abesifazane basemazingeni ahlukene, begqoke beconsa. Ubusendaweni eyibhizinisi elidayisa ukudla okuphekiwe okusezingeni elicokeme iMadam & Sir esemgwaqweni uFlorida, eThekwini.
Bonke abebekhuluma kulo mcimbi bebesho ngazwi linye ukuthi izinselelo ezibhekana nabesifazane ziyafana kungakhathaleki ukuthi uyiliphi ibala. Babale izinkinga zasemindenini ezicindezela abesifazane.
UNksz Nomxolisi Gumede owaziwa ngezinkulumo ezakhayo, oke azwakale nasemsakazweni iGagasi FM, uthuse abaningi ekhuluma ngezinkinga ahlangabezana nazo emndenini wakhe, okubalwa kukho ukuzitshwa wuyise. Wafana nomuntu ongenababa yize ekhona.
Uthe kodwa ukholwa wukuthi lokho kwamqinisa kakhulu kunakuqala kwamenza walangazelela ukuzimela nokuphumelela empilweni yakhe.
Uphosele inselelo abesifazane ebebeyingxenye yomcimbi ukuthi baqine noma behlangabezana naziphi izimo.
Abanye bebeveza izinkinga ababhekene nazo emishadweni yabo njengoba kuvele nabathi bayadivosa, bakhathele ukumelana nobunzima. UNksz Bhela Sibiya ongomunye wabebehambele lo mcimbi, uthe abesifazane uma beshada basuke bengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga bangazithola sebedivosa, kodwa kuyenzeka futhi kunzima. Uthe naye njengamanje uyadivosa. Ubeseshade iminyaka engu-8.
Ekhuluma ngenhloso yalo mcimbi, uNkk Mthembu uthe bekungukuhlanganisa abesifazane ndawonye bacobelelane ngolwazi lwezinto ezehlukene futhi babuye bakhulisane bebodwa.
Uthe okunye kwakho abesifazane abahlose ukubakhuthaza ngakho wukungena emabhizinisini.
Uthe ukholwa wukuthi iNingizimu Afrika ingaba yindawo engcono kakhulu uma benganda abesifazane abangena kwezamabhizinisi.
“Abesifazane banothando futhi banozwelo. Ngakho baningi abangasizakala uma benganda abesifazane abangene kwezamabhizinisi,’’ usho kanje.
Abesifazane ebebekhona lapha bebehlobe bebahle bonke befake imihelane. Bebegqoke izingubo ezahlukene ezinemibala egqamile.