BAZISHAYA isifuba abafundi abaphase u-matric ngamalengiso bewola inqwaba yo-A phezu kwezinselelo abebhekene nazo.
Abebengabafundi eMenzi High, eMlaza, okuyisikole esesithole o-100% ka-matric iminyaka engu-11 ilandelana, bathi iCovid-19 nokucinywa kukagesi okuqhubekayo, akubavimbanga ndawo.
Omunye walaba bafundi ngu-Amahle Mkhwane (17) owole o-A abayisikhombisa kwiSiZulu, isiNgisi, Life Orientation, Maths, Life Sciences, Physical Sciences ne-Accounting.
Uthe ukuzuza kwakhe o-A kusho lukhulu kuyena, waveza ukuthi manje usephokophelele ukuyokwenza iziqu zobudokotela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
“Kungijabulisile kakhulu ukuphumelela ngale ndlela. Esikoleni besiphuma ngo-6 ntambama kodwa sesizobhala izivivinyo zokuphela konyaka besiphuma ngo-9 ebusuku. Ukucima kukagesi kube nawo umthelela kodwa iphupho ebenginalo lenze ngasebenza ngokuzikhandla,’’ kusho u-Amahle.
Uzakwabo ka-Amahle, uSiyabonga Mchunu (16) naye uphase ngendlela efanayo.
Ubonge ukusebenzisana obekukade kukuhle phakathi kwabafundi nothisha besekana ngaso sonke isikhathi. USiyabonga uthe bekuthi uma kukhona umfundi osilela emuva bamdonse ngaso sonke isikhathi.
“Besibumbene, sesekana futhi kunamaphupho alokhu esikhuthaza ngaso sonke isikhathi yize amandla abebuye asiphelele ngenxa yezingqinamba ebesibuye sibhekane nazo,’’ kusho uSiyabonga.
Omunye wabafundi abaphasile, u-Emma Mtombeni, uhlele ukuyokwenza iziqu iData Science eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Uthishanhloko walesi sikole, uNksz Muntu Ntombela, uthe nakanjani bonke abafundi babo baka-matric abangu-176 ababhalile, bazophasa.
Uthe izinselelo ezidalwe ngukubhedukuka kwegciwane iCovid-19 kwenze abanye abafundi basilela emuva kwaze kwaphoqa ukuthi kube sengathi baqala phansi yonke into eyayifundwa kwaGrade 10 no-11.
Ubonge abazali, othisha nabanye abebesebenza amahora engeziwe, nabefundisi abebehlale njalo bebabeka emkhulekweni noMntwana uQedizulu ohlale ebaxhasa.