IMEYA kaMasipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, isibhalele uMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, imcela ukuba amise ukwethulwa komklamo wezindlu ethe usuke wethulwa kwaze kwaba kabili phambilini.
UNgwezi uthe kuzomosheka imali yomphakathi uma uMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho ‘KK’ Nkosi, egcine eqhubekile nokwethula umklamo wezindlu, iMpangeni Mega-Housing Project.
UNgwezi uthe kuzobe kungokwesithathu lezi zindlu zethulwa ngokusemthethweni uma ugcine uqhubekile umcimbi wokuzethula okuhlelwe ukuba ube ngoLwesine.
Encwadini ebonwe yiSolezwe, uNgwezi uthe lezi zindlu sezike zethulwa ababengabaPhathiswa balo mnyango phambilini, uNkk Peggy Nkonyeni, noDkt Ntuthuko Mahlaba.
UNkosi uyaziphika lezi zinsolo.
UNgwezi ucele uRamaphosa ukuba amise ukusaphazwa kwemali kahulumeni.
“Kuyakhathaza ukubona ukuthi kunezindodla zemali esetshenziselwa ukwethulwa kwezindlu esezike zethulwa phambilini. Okukhathaza kakhulu ukuthi kusenenqwaba yabantu baseMhlathuze abasalinde izindlu njengoba kumoshwa imali nje.
“Ngiyanxusa Mengameli ukuba ungenele ngokushesha kulolu daba. Nginethemba lokuthi ukungenela kwakho kuzonqanda ukumoshwa kwemali, bese le mali isetshenziselwa ukuletha izidingo ebantwini.”
UNgwezi ukhale ngokuthi umnyango ufuna ukusebenzisa lo mcimbi ukukhankasela i-ANC.
Uthe kunombhalo kaNkosi oputshukile, lapho enxenxa khona amalungu e-ANC esifundeni iMusa Dladla ukuba aphume ngobuningi kulo mcimbi.
“Lo myalezo ukhombisa ngokusobala ukuthi umcimbi uzophendulwa ube owe-ANC. Lesi senzo sishiya imibuzo ngokwethembeka kukahulumeni waKwaZulu-Natal.”
UNgwezi uthe ngeke alubhade kulo mcimbi njengoba ethe uzobe ematasa nezinhlelo zentuthuko.
UNgwezi uphinde wakhipha isitatimende sabezindaba enxusa abantu baseMhlathuze ukuba bangayi emcimbini ohleliwe.
UNkosi uthe akusilo iqiniso okushiwo uNgwezi.
UNkosi uthe uNgwezi ucasulwa ukuthi umnyango usanda kuthatha isinqumo sokuphuca umasipala igunya lokwakha izindlu.
“Kusukela lapho ke uNgwezi akasalubhadi emicimbini ehlelwa umnyango. Sihlezi simumema kuyo yonke imicimbi esiyenza ezindaweni ezikuMasipala waseMhlathuze, angafiki.”
UNkosi uthe bazoqhubeka nomcimbi.
“Simumemile uNgwezi ukuze ezozizwela ukuthi ithina njengomnyango esizokwakha izindlu. Amanga akhe ngeke aze abavimbe abantu ukuba beze emcimbini.”