OWESIFAZANE waKwaNdengezi, ePinetown, uNksz Nonhlanhla Sibisi, ufuna kusheshe kuphothulwe ukuqulwa kwecala elibhekene nobeyisoka lakhe uMnuz Siyabonga Shezi (29), eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoba kuyamphazamisa engqondweni.
Uthe ukugqigqa enkantolo nokubonana nombulali wendodana yakhe, uSfundo Sibisi (9), owayephasele uGrade 3 eMthala Primary, kuyamphazamisa emoyeni nasematohweni. UNksz Sibisi unxuse inkantolo ukuba igwebe uyise womntanakhe udilikajele, ukuze abolele ejele ngoba wakhipha umphefumulo ongenacala ngesihluku.
Echaza uNksz Sibisi uthe, uShezi wabulala indodana yabo ngokuyiklinya ngentambo eyayibophe isikhindi sayo maqede wayolaxaza isidumbu sayo ehlathini laseMtshombozi, eMgoshongweni.
Uthe okwenza abe nesiqiniseko sokuthi uShezi owenza isihluku endodaneni yabo ukuthi nguShezi owadlula wayithatha kubo futhi nguye owafonela uNksz Sibisi, emazisa ukuba aphuthume ehlathini eyolanda isidumbu sayo singaze sidliwe yizilwane zasendle.
"Ngathi uma ngimbuza ukuthi ukwenzeleni lokhu, wathi ubengiqaqa efuna ukungizwisa ubuhlungu engingasoze ngabulibala impilo yami yonke." UNksz Sibisi uthe ingane yakhe yaficwa iklinywe ngentambo. Uthe kwenzeka lokhu nje ubengasathandani noyise wengane ngoba ubemhlukumeza, kwahlula ngisho emthathela izincwadi zesivimbelo enkantolo.
UNksz Sibisi uthe bebebanga ukuthi umsolwa ubefuna amnikeze ingane ahlale nayo ukuze kubo bamnikeze indlu yomxhaso.
"Mina bengithi akayokhokha ekhaya kuqala ngoba akakaze wayihlawula futhi ubengayondli ingane. Phezu kwalokho bengingeke ngimnikeze ingane yami ngoba ubezoyihluphekisa ngoba ubehamba ehlala njengoba abaleka kubo emuva kokugwaza umfana wasendaweni."
Uthe okwenza afune uShezi anganikezwa ibheyili ukuthi uyingozi kuye nasemndenini wakhe ngoba walibeka ngembaba elokuthi usazobulala uNksz Shezi, uSfundo, unina nodadewabo kaShezi.
"Unina wazi kahle ukuthi wathi uzosibulala naye."
UNksz Sibisi unxuse inkantolo ukuba idlale indima yayo ngoba akanawo amandla okuziphindiselela kumsolwa ngesihluku amzwisa sona. Esephetha uNksz Sibisi unxuse abantu ukuba bamphelezele ngobuningi uma esebuyela enkantolo ngo-Agasti 29 ngo-8 ekuseni, ukuze abenesibindi sokubhekana nomsolwa uma sekuqulwa icala.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaNdengezi, aphenya icala lokubulala emuva kwesigameko esenzeka eShongweni Dam.
"Kusolwa ukuthi umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye wabulawa nguyise. Imibiko ikhomba ukuthi indoda eneminyaka ewu-29 yatshela unina wengane ukuthi ibulale indodana yabo maqede yayolaxaza isidumbu sayo ehlathini," kuphetha uColonel Netshiunda.