UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa waseLamontville, eThekwini, okuthiwa ushaywe waze wafa ngumngani wakhe, emsola ngokuba nolwazi ngeselula yakhe ebiyebiwe.
USivuyile Rofu (20), ongowokudabuka eNtabankulu, e-Eastern Cape, kuthiwa ubulawe ngowesilisa ebebemvakashele ngeSonto eledlule.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Oneli Ndamase, ngosuku lwesigameko umufi ulandwe abangani bakhe ababili ukuba kuyohlanganyelwa nabanye abangani komunye umuzi osendaweni.
Kulo muzi kuthiwa kwakuphuzwa, kudliwa, kujatshulwe.
UNksz Ndamase uthe ngaphandle kukamufi nabangani bakhe ababili, kwakukhona nabanye abesilisa, kuhlangenwe ngobungani.
“Ngesikhathi beselapho kujatshulwa, kube khona oyedwa oweba iselula kamngani wabo ongumnikazi wendlu,” kusho uNksz Ndamase.
Uthe bathole ukuthi lona owebe iselula uyebe washaya wachitha.
“Uma sizwa, umfowethu wone ngokuthi athi uyamazi umsolwa. Kuthiwa umnikazi weselula wavele wadumela yena wamshaya, ethi kuyacaca ukuthi bayazana ngaleso sizathu, uzomkhipha,” kusho uNksz Ndamase.
Uveze ukuthi umsolwa (umnikazi weselula) ubegijima phezu kwakhe ngezinyawo, emgxoba kakhulu ekhanda nasebusweni.
Ubuye wathi bezwa kuthiwa ubemphihliza nangamabhodlela otshwala, afele kuye emzimbeni.
Uthi kuzanyiwe ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela kodwa wafike washonela khona.
Uthe abaneme neze ngesenzo salona wesilisa obulale ilungu lomndeni wabo lingenze lutho.
“Sifuna ubulungiswa ngokubulawa kwakhe. Umenzi wobubi akaboshiwe namanje kodwa thina sibulawelwe umfowethu,” kusho uNksz Ndamase.
Uveze ukuthi lona wesilisa, okunguye okuthiwa weba iselula, akakaze aphinde abonakale endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseLamontville aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-20.
“ Kubikwa ukuthi umgilwa wayesesitolo sendawo ngesikhathi ehlaselwa abesilisa ababili, bemsola ngokweba iselula. Umgilwa walimala kakhulu emzimbeni,” kuchaza uNetshiunda.