UFUNGA uyagomela ukuthi uzolulandelela kuze kube sekugcineni udaba lwakhe umndeni wowesilisa waKwaDukuza okuthiwa ubulawe ngesihluku amalungu omndeni othile, emfanisa nesigebengu esiwuhlupho kule ndawo.
UMnuz Michael Smanga Khumalo (39) waseTete obefihlwa izolo, kuthiwa uhlaselwe eDube Village, eGroutville ngoMgqibelo odlule.
Kuthiwa emva kokuhlaselwa kwakhe, uphuthunyiswe esibhedlela iGeneral Justice Gizenga Mpanza Regional (Stanger Hospital), nokuyilapho efike washonela khona ngakusasa.
Umfowabo omdala kamufi, uMnuz Nkosinathi Mafeja Khumalo, elandisa Isolezwe ngesigameko, uthe umufi nabanye abesilisa abangabangani bakhe, bebehamba nezintombi zabo, bevakashele omunye umngani wabo eDube Village ngosuku lwesigameko.
“Umfowethu kuthiwa uphume eyochama ngaphandle njengoba bebehleli kubo kamngani wakhe, bezijabulele beziphuzela. Kuthiwa ingaleso sikhathi abakulo muzi ahlaselwe ekuwo abambone ngaso, bamfanisa nesigebengu esithile, bamthatha ngenkani, baya naye egcekeni labo, bafike bamshayela khona,” kusho uKhumalo.
Uthe bathole ukuthi umufi ushawe ngezando, ama-blocks, washiswa ngamanzi abilayo waphinde waphuziswa nophoyizeni.
Uveze ukuthi kuthe sebemshaye wanaba, walanyulelwa abangani bakhe, abebesaqhubeka nokuphuza emzini ongumakhelwane wendawo yesigameko, benganakile ukuthi useyahlaselwa.
“Intombi yomunye wabo ingene nezicabha, izobabuza ukuthi bayabona yini ukuthi umfowethu uyahlaselwa. Baphuthume khona, bayolamulela umfowethu,” kusho uKhumalo.
Uqhube wathi kube yima elanyulelwa ngaleso sikhathi umufi, kwabizwa ne-ambulensi ukuthi izomlanda, imphuthumise esibhedlela nokuyilapho efike kwamenela khona ngeSonto.
Uthe bathole umyalezo ngesinye isakhamuzi, esifike kubo sizosho ukuthi isigilamkhuba umufi abefaniswa naso, siyakhuluma emphakathini, siyasho ukuthi akanacala umuntu ohlaselwe washonela esibhedlela.
Lesi sigilamkhuba kuthiwa besiwuhlalise lubhojozi umphakathi siwubamba inkunzi sibuye senze namanye amacala anzima.
“Sizobulwela ubulungiswa ngoba umfowethu akakaze, azibandakanye ezenzweni zobugebengu kusukela ebuncaneni bakhe,” kusho uKhumalo.
Uthe ushona nje ubesanda kushiya emsebenzini, ephunyelwe yimali yeminyaka engu-15 abeseyisebenzile, nokufakazela ukuthi ayikho into ebizomyamanisa nobugebengu bokubamba abantu inkunzi.
Ubalule nokuthi umufi ushiye izingane ezimbili zamantombazane, eyodwa isafunda isikole emazingeni aphansi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaDukuza aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokufa komuntu owabanjwa umphakathi wamshaya wagcina ngokushonela esibhedlela.