UKHALELA ubulungiswa umndeni wephoyisa lakwa-B eMlaza elatholakala life ngendlela engaqondakali emzini walo ngoMashi 5, 2021.
USergeant Ntombifuthi Mkhize (45) watholakala eshonile egumbini lokugeza.
Kwasolwa ukuthi wazibulala kodwa kwathi uma sekubuya imiphumela egcwele yokuhlolwa kwesidumbu, kwavela ukuthi ubulawe ngokuklinywa.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Thembile Shange, kuningi okushaya amanzi ngokwashiwo owesifazane owayeneminyaka engu-19 ngaleso sikhathi owayehlala nodadewabo endlini kwenzeka isigameko.
Uveze ukuthi owesifazane uyingane kamngani kamufi, okwakucelwe ukuthi izohlala nomufi ukuze isondezele inyuvesi.
“Washaya ucingo elubhekise kumzala wami, owayehlala kuyo le ndlu kodwa eseMfume ngoba wayeye agoduke uma kuyizimpelasonto. Wamtshela ukuthi uthe evuka wakhangwa amanzi egcwele phansi ekamelweni elalilala bona. Wamtshela ukuthi kuthe uma eya egumbini lokugeza eyobheka ukuthi amanzi aqhamukaphi, wathola ukuthi udadewethu ungene ngekhanda kubhavu, umzimba ungaphandle,” kusho uNksz Shange.
Esakuthola ukuthi wabe esememeza omakhelwane, kwafika abesifazane asebeqinile nogogo osekhulile.
“Ugogo wasitshela ukuthi ngesikhathi befika bona bamfica elele phansi khona egumbini lokugeza. Ngesikhathi sifika nathi esasisuka kude siyizihlobo, ugogo wasitshela ukuthi umbuzile (lona wesifazane) ukuthi pho ubekwe ubani phansi uma ezigwilizise kubhavu,” kusho uNksz Shange.
Uthe yilapho lona wesifazane okuthiwa wabe eseveza khona ukuthi uqale wabiza owesilisa (amdalule ngegama) ongumakhelwane oqhelile ukuthi azombambisa, bambeke kahle phansi. Uthe bambuza owesilisa ngalokhu, wavuma ukuthi bakwenzile.
“Sisele nombuzo othi yini eyadala ukuthi ambize, bambambe bambeke phansi maqede ahambe owesilisa, kuyima eqala phansi amemeze omakhelwane (abaseduze) ukuthi bazombukisa,” kusho uNksz Shange.
Uthi baxakwa nawukuthi, owesifazane waphinde wakhiya nesango njengoba kwadingeka ukuthi azobavulela omakhelwane ngesikhathi befika.
Okunye athi kwenza bashaye amakhala ukuthi umbhede kamufi wawumanzi te, kodwa ingane (4) kamufi eyayikade ilele naye yayomile.
“Wawumantiswa yini kangaka umbhede owawulele umufi nengane kodwa yona ingamanti,” ubuza kanje.
Ubuye waveza nokuthi wayezingcolisele umufi, omunye udoti usele ekamelweni lakhe, omunye uchaphazeleke ngendlela ebheke egumbini lokugeza.
“Sibona sengathi wabulawelwa ekamelweni lakhe ngaphambi kokuthathwa ayobekwa egumbini lokugeza,” kusho yena.
Uthe basola ukuthi owesifazane wayethandana nomakhelwane owambambisa umufi ngoba sebenengane ezalwe emva kokushona kukamufi.
Uthe yonke le mininingwane ngokwabo abayibona imkhomba eduze umbulali, amaphoyisa ayayazi kodwa akukho akwenzayo ngayo.
Uthe lokhu kugcine kudala ukungaboni ngasolinye nomunye umseshi (amdalule ngegama) owaze wakhipha amazwi okuthi abalithathe idokodo babone ukuthi benzenjani ngalo ngoba akulona lodwa icala aliphenyayo leli.
“Sifuna ubulungiswa ukuze siphole yize engeke esabuya udadewethu,” kusho yena.
Uthe owesifazane waqoqa zonke izimpahla zakhe emva komngcwabo wahamba.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.