UFUNA ubulungiswa omunye wemindeni yabesifazane ababili okuthiwa babulawelwe emijondolo yaseKenville eGreenwood Park, eThekwini, ngeSonto.
UNksz Zizipho “Ntuntu” Gabisa nomngani wakhe, uNksz Anele Mbokazi, kuthiwa babulawa nje, imoto yabasolwa ibalande emakubo eRiverview Park, eVerulam.
Kuthiwa imoto ifike yabaqathaza, abasolwa babadubula, base bekhala amaphepha.
Isolezwe lithole ukuthi uNksz Gabisa ubeyi-pharmacist esibhedlela esizimele eMhlanga, eThekwini, kuthi uNksz Mbokazi, abengumhlengikazi esikhungweni igama laso elingatholakalanga.
Umthombo ocele ukuthi ungadalulwa udalule ukuthi abafi bashiye izimoto zabo emakubo ebusuku ngoMgqibelo, bahamba ngeyabasolwa, iMercedes-Benz ebalande emakhaya.
“Kuthiwa abasolwa bebezolanda abantu abane, okukhona kubo nodadewabo bakaNksz Mbokazi kodwa kwagcina kuhamba abafi, laba abanye sebethi abasahambi ngoba bashiywa yigazi,” kusho umthombo.
Uqhube wathi laba abakhethe ukuhosha imfe, bagcine beziyela enkonzweni.
Udadewabo kaNksz Gabisa, uNksz Mpho Gabisa othe ngokomsebenzi useGoli, uthe umufi ubulawa nje, ubekade ekhuluma naye, emtshela ngephupho elibi avuke nalo.
“Iphupho engiliphuphile belethusa. Ngokwazi ukuthi uyathwasa uNtuntu, ngamtshela ngalo, wakhombisa ukwethuka, ethi lijulile futhi liyethusa,” kusho uNksz Gabisa othe ubengazi ukuthi kanti ubephupha ngokufa kukadadewabo ngqo.
Uqhube wathi okumthuse kakhulu ngephupho ukuthi bebematasa nomufi, belungiselela umsebenzi wesikhumbuzo sikayise obazalayo obekufanele ube kule mpelasonto.
“Ngididekile ngoba nobaba naye washona nyakenye, ngosuku olufanayo nokufe ngalo uNtuntu,” kusho uNksz Gabisa.
Uthe baqale banganaka bebona izithombe zabafi bedindilizile endaweni yesigameko zizungeza ezinkundleni zokuxhumana, wathi kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi, wathola ucingo kwesinye isihlobo, simazisa ukuthi bashayelwe ngamaphoyisa, athi abazofanisa emakhazeni, nebala, bathola ukuthi yibo.
Uthe okubaphatha kabi ukuthi bobabili abafi bebezisebenzela, benemali yabo, benezimoto zabo, bezimele. Uthe uNtuntu ubehamba ngeToyota Yaris.
“Sinemibuzo yokuthi yini eholele ekutheni abasolwa bababulale ngesihluku esinje? Bebenzeni?” kubuza uNksz Gabisa.
Uthe bafuna ubulungiswa ngokubehlele, abasolwa bajeze.
“Sishaqekile. Sidinga ubulungiswa. Siyafisa ukwazi ukuthi baze babulawa bekwenzenjani ngoba bayasebenza, banemali yabo bebengathembele kumuntu,” kusho uNksz Gabisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseGreenwood Park, asebophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-30 nonengu-44 ngecala lokubulala abesifazane ababili eKenville ngeSonto.
“Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kusasa,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngosuku lwesigameko amaphoyisa anikele endaweni yesigameko, kulandela ukutholwa kwezidumbu zabesifazane ababili emgwaqweni uJohanna, zilele exhaphozini legazi, zinamanxeba okudutshulwa.