UMNDENI wowesifazane osebenza kuMasipala wase-Alfred Duma eMnambithi, obese kuphele izinyanga ehlukunyezwa ngokocansi wumphathi wakhe, uthi ufuna ubulungiswa emva kokuboshwa kukamsolwa.
Umsolwa okuthiwa uboshwe ngoLwesibili kulandela ukuthi evulelwe icala ngosuku olufanayo wumgilwa, uyimfolomane ehhovisi lezamaPaki neziNgadi.
Usolwa ngokuthinta ngendlela engafanele nangenkani umsebenzi amphethe ohlanza ihhovisi lakhe.
Ngokusho kwelungu lomndeni elingeke lidalulwe ukuvikela umgilwa, phakathi kwezinto abezenza owesilisa, wukuthinta owesifazane ubuntu bakhe, ukumqabula nokufuna ngenkani ukuya naye ocansini.
“Ngesikhathi enza lokhu ubeye athi uma engavuma ukuthi balale, uzomqasha ngokugcwele,” kusho umfowabo kamgilwa.
Uthi udadewabo uqale ukusebenza kumasipala ehlanza ihhovisi likamsolwa ngoJanuwari. Uthi ubuye ahlanze nezindlu zokushintsha zabanye abasebenzi nezangasese. Yilapho-ke umsolwa abevele ambhozomele khona. Uthi lokhu kuqale ngoMeyi.
“Usibikele siwumndeni ngale nto. Saqala sadideka ukuthi ithiwani into enje. Uthe uma ephinde esho ukuthi le nto isaqhubeka futhi ungathi isiyenzeka kakhulu manje, sathi akahambe yovula icala emaphoyiseni,” kusho umfowabo kamgilwa.
Uthi okubaphatha kabi wukuthi umgilwa ubatshele ukuthi kusuka ngoSepthemba, umsolwa ubesemsebenzisa kabi emsebenzini ngoba ebona ukuthi akafuni ukuvuma ukulala naye.
“Unomthungo udadewethu. Akakufanele ukusetshenziswa umsebenzi osindayo. Kusiphathe kabi uma sizwa ukuthi usesetshenziswa ngaleyo ndlela ngoba nakhu engavumi ukulala nomphathi,” kusho umfowabo.
“Njengoba eseboshiwe, esikufunayo wukuthi umthetho wenze umsebenzi wawo, athole isijeziso esimfanele ngoba usebenzisa isikhundla sakhe ngendlela engafanele,” kusho umfowabo kamgilwa.
Uthe bathole ukuthi wumkhuba wakhe umsolwa, ujwayele ukunukubeza abasebenzi maqede kungenzeki lutho ngoba wazana neziphathimandla.
Echaza kafishane ngesimo emsebenzini umgilwa, uthe bese kuphele izinsuku ezimbalwa engalubhadi emsebenzini, esaba ukuthi umsolwa uzomenzakalisa.
“Ngisanda kubuyela ngoba sebesho emsebenzini ukuthi mangibuye ngizosebenza kwenye indawo lapho ngizophathwa khona womunye umuntu omusha. Baphinde bathi angikhululeke ngoba umsolwa useboshiwe,” kusho umgilwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe bayakuqinisekisa ukuthi kuvulwe icala lokuhlukumeza ngokocansi esiteshini samaphoyisa eMnambithi.
"Idokodo lecala libe selidluliselwa ophikweni lwamaphoyisa phenya amacala aphenya amacala oDlame lwaseMndenini, ukuVikelwa kweZingane namaCala oCansi khona eMnambithi. Kube sekuboshwa owesilisa oneminyaka engu-54 ngoLwesibili, okulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze," kusho uConstable Ngcobo.