AFUNA likhonjwe indlela ikhansela le-ANC, osekuphele unyaka ligqunywe ejele ngamacala okubulala, amaqembu ezepolitiki kuMasipala weTheku.
UMnuz Mzimuni Ngiba, oyikhansela laku-ward 101, usawuthola ugcwele umholo wakhe.
Ubevele nabamangalelwa abane eNkantolo eNkulu yaseThekwini, okuthe uma kuphela icala babuyiselwa ezitokisini zejele eligadwe ukuwedlula wonke kuleli, eBongweni, eKokstad.
Bathweswe icala lokwakha itulo lokubulala, amabili okubulala, amabili okuzama ukubulala nawokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Bayawaphika lawa macala.
Inkantolo ilihlehlisele uJulayi 17, nonyaka, icala ukuze kwenziwe izethulo ezendlalela ukuqala kwalo okubekelwe u-Ephreli 16 kuya kuMeyi 17, 2024.
Laba basolwa wuMbuso ngokuthi ngo-Okthoba 2021, eCato Manor, eMayville, badubula babulala uMnuz Siyabonga Mkhize owayephakanyiselwe kwesobukhansela futhi walunqoba engasekho ukhetho nelungu le-ANC, uMnuz Mzukisi Mkhize.
I-DA eThekwini, ngomlomo womholi wekhokhasi yayo, uMnuz Thabani Mthethwa, ithe ngelizayo kumele akhishwe uNgiba esikhundleni.
UMthethwa ufuna kuphenywe noSomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawo, abamsola ngokuzithela ngabandayo ekuthatheleni izinyathelo ezifanele uNgiba osekuphele unyaka engalubhadi emsebenzini.
UMnuz Mdu Nkosi, umholi wekhokhasi ye-IFP eThekwini, uthe sebehlale isikhathi eside bengenalo ikhansela futhi bengazitholi izidingo zabo.
UNkosi uthe i-ANC ayenze ubulungiswa ngokuthi ishenxise uNgiba esikhundleni, kuyiwe okhethweni lokuchibiyela ukuze abantu bazikhethele umuntu ozobahola.
Umholi wekhokhasi ye-ActionSA eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe babhalela uNyawose baze bamashela emahhovisi akhe befuna asuse uNgiba esikhundleni. UMncwango uthe kabasenendaba nokwenzeka enkantolo, bafuna asuke uNgiba esikhundleni ngelizayo.
UNyawose uthe umbiko ngodaba lukaNgiba uzokwethulwa emhlanganweni wamakhansela ngoLwesibili.
Okhulumela i-ANC eThekwini, uMnuz Mlondi Mkhize, uthe le nhlangano yajuba uNkk Zama Sokhabase ukuba abambe izintambo njengoba uNgiba engekho.
Uqhube wathi uNgiba wabhalelwa incwadi nguNyawose emcela ukuba esule emsebenzini kodwa wangayiphendula.
“Imigomo elawula omasipala ikubeka kucace ukuthi uma ikhansela like laphutha imihlangano emithathu, usomlomo kumele alibhalele incwadi abuze kungani lingekho? Usomlomo akakwazi ukumane anqamule umholo kaNgiba kungazange kwalandelwa imithetho efanele,” kusho uMkhize.
Uthe sebebheke uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ukuze anike umkhombandlela ofanele ngoba umthetho unika yena amandla okuxosha ikhansela.