UMNDENI namalungu omphakathi wowesifazane waseXobho obezoteta amawele amathathu, obulawe ngokuklinywa ngesonto eledlue, ufuna linqatshelwe ibheyili iphoyisa ebeliyisoka lakhe elibhekene necala lokubulala.
USergeant Mbuyiseni Christopher Gema (36), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseXobho izolo, ngecala lokubulawa ngesihluku kukaNksz Busisiwe Ngubo (35) isidumbu sakhe esatholwa ngamalungu omphakathi sinezibazi zokuklinywa sidindilize eduze komgwaqo ngosuku olwandulela ubusuku anyamalale ngalo.
UGema uboshwe ngabophiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa i- Independent Police Investigative Directorate (IPID) ngoLwesihlanu. Ngesikhathi engena enkantolo ubezimboze ubuso ngesigqoko sejakhethi efake nesifonyo.
Inkantolo iluhlehlisele uLwesihlanu leli cala, kanti umsolwa ngomlomo wommeli wakhe uqinisekise ukuthi ammele uzofaka isicelo sebheyili.
Ukufaka kwakhe isicelo sebheyili uzokwenza nakuba inqwaba yamalungu omphakathi abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngenhloso yokufaka ingcindezi ekutheni inkantoolo ingamniki.
Ilungu lomndeni kamufi, uMnuz Mandla Ngcobo, uthe kubathobe izinhliziyo ukuthi ekugcineni umsolwa useboshiwe.
“Esikufisayo wukuthi agwetshwe ngokushesha angaphumi, ngoba nathi siwumndeni asiphephile ngenxa yalesi sihluku esibuhlungu kangaka asenzile, kusho uNgcobo.
UNksz Ngubo nezinsana zakhe ezintathu obekungabafana, bafihlwe ngeSonto. Ubulawa-nje, bekulindeleke ukuthi ngosuku okutholwe ngalo isidumbu sakhe adlulele esibhedlela ukuyohlinzwa njengoba bekuwusuku lwakhe lokwamukela amadodana akhe.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza nabaholi kuloya masipala, bebephakathi kwamalungu omphakathi abethamele icala.
Khonamanjalo, iNkantolo yeMantshi yaseMbubmbulu ikuhlehlisele isonto elizayo ngoMsombuluko, ukulalelwa kwesicelo sebheyili kukaMnuz Thokozani Patrick Mhlongo (60), obhekene namacala okubulala izaguga ezimbili, uNksz Zanele Doris Mbuso noNksz Monica Xulu.
UMhlongo ubevele kule nkantolo izolo emva kokuthi eboshwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu ebusuku.
UNksz Mbuso ubegcine ukubonakala nomakhelwane wakhe uNksz Xulu bephuma enkulisa yakhe eseMgababa ngeledlule.