BAFUNA lichithwe icala elifakwe ngowayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma, lapho emangalele umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo, u-Advocate Billy Downer nentatheli uNksz Karyn Maughan.
UDowner noNksz Maughan sebefake izicelo zokuthi inkantolo ichithe icala.UZuma wanquma ukuzishushisela yena mathupha uDowner nentatheli kulandela ukunqaba koMbuso ukubashushisa.
Wayekade ebavulele icala esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu, lapho ayebasola khona ngokuputshuza ulwazi olunemininingwane eyimfihlo ngokugula kwakhe.
Izolo icala lingene eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.Inkantolo izwe ukuthi kunezicelo ezifakwe ngabamangalelwa, abafuna kuchithwe icala.Ummeli kaDowner, u-Advocate Win Trengove, utshele inkantolo ukuthi bafuna ukuthi icala lichithwe.
UTrengove uthe icala liwukuxhaphaza inkantolo.
“Emaphepheni ethu asenkantolo sizokuveza ukuthi icala akufanele engabe lilalelwe yile nkantolo ngoba ezinye zezinto abakhala ngazo zenzeka eGoli.”
UTrengove uthe icala liyimizamo kaZuma yokubambezela icala lenkohlakalo nokukhwabanisa.Uthe bafuna kuqhubeke ukulalelwa kwecala lenkohlakalo lapho uZuma emangalelwe nenkampani yezikhali yaseFrance, iThales.
UZuma usolwa ngokuthatha intshontsho kule nkampani eyahlomula ngesikhathi kuthengwa izikhali.
Kanjalo nentatheli ifake isicelo esiphuthumayo sokuba kuhoxiswe icala.UNksz Maughan uthe icala liyimizamo yokumsabisa ukuba angabiki ngecala likaZuma lenkohlakalo nokukhwabanisa.
Uthe ufuna isicelo sakhe silalelwe ngokushesha khona ezokwazi ukuqhubeka nokubika ngecala likaZuma.
IJaji Nkosinathi Chili linqume ukuthi lezi zicelo zombili zilalelwe ngoDisemba 8 no-9.Icala elifakwe nguZuma libe selihlehliselwa uFebhuwari 2.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, uthe zonke lezi zinto ezishiwo ngabamangalelwa bazoziphendula uma sekulalelwe izicelo abazifakile.Leli cala lingase libambezele ukuqulwa kwecala likaZuma lenkohlakalo nokukhwabanisa.
Icala lenkohlakalo nokukhwabanisa, nalo eliqulwa enkantolo efanayo, lahlehliswa emva kokuthi uZuma afaka isicelo sokuba kushenxe uDowner.
UZuma usola uDowner ngokuchema.Isicelo sakhe sachithwa yile nkantolo, njengamanje uzimisele ngokudlulisela lesi sinqumo eNkantolo yoMthethosisekelo.