UMPHAKATHI waseNtembeni eMelmoth ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni, uthi hhayi ngoba uvimba intuthutho kodwa ufuna isiqinisekiso sokuthi wona nezizukulwane zawo bazohlomula ngokuba khona kwemayini iJindal endaweni yabo.
Lokhu umphakathi ukusho ngemuva kombhikisho olwa nemayini, ngeSonto eledlule.
Omunye wamalungu omphakathi, uMnuz Khanyisani Nsele uthe bona bewumphakathi hhayi ngoba belwa nemayini kodwa bafuna ukwazi ukuthi abaphathi bemayini banaziphi izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.
"Thina kasilwi nhlobo nemayini siyizakhamizi zaseNtembeni kodwa into esiyifunayo wukuthi kuthuthukiswe umphakathi wethu ngemisebenzi nangolwazi njengoba le mayini yakhiwe endaweni yethu. Enye into futhi esifisa yenzeke wukuthi kube nesikhwama esizolekelela izingane nezizukulwane zethu kule ndawo," kusho uNsele.
Usomabhizinisi wendawo, uMnuz Mfanuzile Gumede uthe ukususwa kwemayini kuyosho ukubaleka komnotho endaweni yaseMelmoth.
"Ngiyazizwa futhi ngiyaziqonda izinto ezishiwo ngabafowethu kodwa mina bengithi akungashiwo ukuthi imayini mayihambe kepha kumele ihlumelelise abantu bendawo. Uma sithi kayihambe abantu bakithi bazowatholaphi amathuba omsebenzi?" kubuza uGumede.
UNgqongqoshe wezaMandla uMnuz Gwede Mantashe ezinyangeni ezimbalwa uzigxekile izenzo zokubhikishela ukususwa kwezimayini ezindaweni ezithize njengoba ziwumgogodla womnotho.
Uthe uSolwazi Musa Xulu wenhlangano Indonsa Yesizwe ukuphikisile ukuxoshwa kwemayini, wathi yisona isinkwa esikhona esizolekelela abantu baseNtembeni.
Isikhulu esiphezulu seMayini iJindal, uMnuz Shaitan Chouhan, sithe imayini izokwakha amathuba emisebenzi angaphezu kuka15 000 iphinde ilekelele intsha ngokuyiqeqeshela imisebenzi.
"Siyazizwa izikhalazo zabantu baseMelmoth. Sibeke imali engangoR15 billion ezothuthukisa abantu bendawo. Sithi phansi amaphaphu sizosilungisa isimo," kusho uChouhan.