KUGQAME eyesidingo sokwakhiwa kwesiteshi samaphoyisa noma ukusondeza esingumahamba nendlwana kwaDesai eMariannhill nasezindaweni ezakhelene nayo, embizweni kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, ebisehholo KwaMamdekazi.
Embizweni okuthiwa bekuhloswe ngayo ukuzwa izikhalo zabantu bakule ndawo okuthiwa ubugebengu budla lubi kuyo, okugqame kakhulu kumalungu omphakathi abesukuma ededelana ebeka imibono nezikhalo, isidingo sokusondezwa kwesiteshi samaphoyisa okuzolekelela ekutheni abantu bakwazi ukubika eduze ngobugebengu ukuqinisekisa ukuthi kuliwa nabo.
UCele ubesebuya okwesibili kule ndawo emuva kwesigameko esisewundabamlonyeni sokuqothwa kwabasolwa abayisishiyagalolunye abaneminyaka ephakathi kuka-18 no 23 okuthiwa bebehlalise kabi umphakathi wakule ndawo, okwenzeke ngesonto eledlule.
UNksz Sindi Vilakazi waseZwelibomvu ukhale ngokuqhela kwesiteshi samaphoyisa esiKwaNdengezi ababika kuso.
“EZwelibomvu sinobugebengu obuningi kakhulu. Izingane ziyadutshulwa mhlawumbe uthole ukuthi umuntu udutshulwa ephuma emsebenzini akwaziwa ukuthi kwenziwe ubani. Sisebenzisa isiteshi samaphoyisa KwaNdengezi oke ufice ukuthi kwesinye isikhathi akukho muntu. Siyafisa nje ukuthi okungenani kufakwe noma esiwumahamba nendlwana okuzoqinisekisa ukutholakala kwamaphoyisa ngokushesha uma edingeka,” usho kanje.
Isiteshi samaphoyisa esiseMariannhill esiyisakhiwo sesikhashana, kuthiwa sisebenzela iMariannhill yonke ngaphaphandle kwakaNdengenzi naseZwelibomvu. Izindawo ezibika kuso yi-Dassenhoek, Mpola, Tshelimnyama, Uganda, KwaSanti, Nazareth, Desai neNagina. Umphakathi ufuna kufakwe iziteshi ezingomahamba nendlwana kulezi zindawo.
Kukhalwe ngamaphoyisa aseMariannhill, umphakathi owasola ngokungawenzi umsebenzi, ikakhulu abaphenyi bamacala okuthiwa abawalandeleli amanye amacala abikwa kubona.
Ephendula ezikhalweni zomphakathi zomphakathi uCele, uqinisekise ukuthi indawo nemali yokwakhiwa kwesiteshi obekuyizinto ebezibambile, sekukhona, sekulele eMnyangweni weMisebenzi yoMphakathi.
“Iziteshi zamaphoyisa zazakhiwe umphakathi usemncane, ngakho asinalo ijubane lokwakha ngokushesha kuhambisane nokwanda kwawo. Akuyona inkinga yaseMariannhill kuphela, kodwa ikhona nakwezinye izindawo. Ziningi izindawo esenizibalile enifuna kube khona iziteshi ezingomahamba nendlwana, zizofakwa kodwa akuzona zonke izindawo ezizozithola. Isiteshi samaphoyisa obekudala nisicela, bekushoda imali nendawo esizokwakhiwa kuso. Sekukhona ke konke, sekusele ke ngaseMnyangweni wezeMisebenzi yoMphakathi,” usho kanje.
Ngasohlangothini lokugxekwa kwamaphoyisa ngokungasebenzi, uthe kulo nyaka nje kuphela, amaphoyisa asebophe abasolwa abangu- 993, abawu-209 kubona baboshelwe izidakamizwa, abawu-33 baboshelwe ukubulala, bawu-33 baboshelwe amacala okudlwengula. Uthe zingu-15 izigameko ezenzekile zokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu kule ndawo, kanti bangu-35 abasolwa abafe kuzona, zibe ngu-29 izibhamu ezithathwe amaphoyisa.
Ngaphambi kokuqala kwembizo, uCele obehambisana noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube uSomlomo kuMasipala weTheku uMnuz Thabani Nyawose nezikhulu zikahulumeni, bahlangane nabagilwa bobugebengu. UNkk Agnes Nzimande uvele wakhihla isililo eneka usizi lwakhe, uthe izigebengu zadubula indodana yakhe ebibondla, zangagcina lapho zamkhipha emzini wakhe manje usehlala ezihlotsheni.
“Umuzi wami bawucekele phansi, ngiyafisa ukubuyela kuwo. Ngicela uhulumeni angisize ngibuyele emzini wami,” kubalisa yena.
UNkk Caroline Maphumulo uveze ukuthi ubugebengu badlula nomphefumulo wendodana yakhe eyayisanda kuqeda enyuvesi, seyifuna umsebenzi esenethemba lempilo engcono.