BASALE bebalisa abanye besifazane abayingxenye yesitokofela esisabhanoyi, okukhokhwa kuso uR300, owesifazane athenjiswe igilosa kaR5 300 emuva kwezinyanga eziwu-12.
Lesi sitokofela esinenqwaba yamakhasi ezinkundleni zokuxhumana, saziwa ngeWomen Against Poverty and Hunger. Owesifazane uba yingxenye yaso ngokwenza iqeqebana kuWhatsApp, bangene kwi-link bese bekhokha oR300. Kuvela ukuthi abasunguli baso abesifazane abayisishiyagalolunye abazinze eGoli, kodwa banamalunga kuzo zonke izifundazwe zakuleli.
Inhlangano evikela abathengi, i-National Consumer Commission (NCC), ithe uma iphenya yathola ukuthi le nhlangano iqola abesifazane.
UKhomishana osabambile kwi-NCC, uMnuz Hardin Ratshisusu, uthe leli bhanoyi lizenza isitokofela sokudla njengoba liqoqa imali kwabesifazane.
“Lokhu kuyakhombisa ukuthi i-WAPH ibiphula isigaba 43(2)(a) somthetho i-Consumer Protection Act njengoba ibikhohlisa abantu ngenzuzo abazoyithola. Kuyasikhathaza ukuthi abantu basangena emabhanoyini yize sibaxwayisa ngawo. Kuyicala ukusungula ibhanoyi futhi kuyicala nokuheha abanye ukuthi bangene ebhanoyini.”
Ubalule ukuthi abantu kufanele bazibuze ukuthi uma bekhokhe u-R300, uzobe usuphumaphi u-R5 310 wokubathengele igilosa emuva kwezinyanga eziwu-12?
Uthe baye eNkantolo eNkulu eGauteng ukuze kubanjwe ama-akhawunti omsunguli walo, uNksz Kelebogile Precious Khumo odume ngelika Mme Lebo, nabanye abayisishiyagalombili asebenzisana nabo.
I-WAPH iheha abantu ekhasini layo lika-Facebook elibizwa ngeWomen Against Poverty and Hunger (WAPH). Inekhasi le-Youtube nalo elithi Women Against Poverty and Hunger, kanti enye indlela yokuxhumana nabo ukushayela u: 010 023 1283 noma ngokuthumela i-email ethi [email protected]
Kuvele ukuthi leli bhanoyi linemali engaphezu kuka-R3.7 million (R3 791 829) ebibekwe kuma-akhawunti awu-14.
Uthe amalungu amaningi eWAPH abesifazane abafaka imali kwi-akhawunti kaNksz Khumo nakuma-akhawunti abantu asebenzisana nabo okungoNksz Itumeleng Thai, Thulisiwe Midrand Mbambo, Busisiwe Primrose Horacio, Nomsa Mbalati, Nomakhosi Zwane, Gugu Cele, Mpho Patsa Mokoena no-Agnes Mofokeng.
Kuye kwabanjwa nenye i-akhawunti eno-R1 535, 040. 00 ngesonto eledlule okusho ukuthi imali esibanjelwe i-WAPH iwu-R5 326, 865. 00.
“Uphenyo lwe-NCC luthole ukuthi iWAPH ibinamabhanoyi ahlukene izenza isitokofela sokudla. Ngokwenza lokhu ibiphula isigaba 43(2)(a) nesigaba 43(4) somthetho ovikela abathengi i-Consumer Protection Act. Ngaphandle kwabantu akade befaka u-R300 wokungena kwi-WAPH, labo abathola abantu abazongena kuyo bebethenjiswa umklomelo ka-R1 000. Udaba sesiludlulisele ophikweni lokushushisa i-National Prosecuting Authority (NPA).”
URatshisusu ucele abantu ukuthi bangangeni emabhanoyi esho nokuthi uma uthenjiswa imihlomulo engakholakali kufanele ubone ukuthi yibhanoyi lelo.