INHLANGANO yepolitiki i-South African Communist Party (SACP) ikhala ngomkhuba omusha ongenisile wokukhokhiswa kwabesifazane imali yokubavikela ukuze bangadlwengulwa.
Le nhlangano ithe lo mkhuba usuwande e-Eastern Cape, njengoba abesifazane bakhona bethi indaba ye-protection fee, isithathe elinye igxathu.
UNobhala jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uthe le nkinga yokukhokhiswa kwabantu imali yokubavikela, usungene kwelinye igiya e-EC njengoba sekukhokhiswa abesifazane ukuze bangadlwengulwa.
Uthe kudingeka balwe nalesi sihlava ngoba wukuhlunyezwa kwabesifazane.
“Asikwazi ukuthi singahlaliswa lubhojozi yizigebengu ezweni lethu. Siyaya e-Eastern Cape, ukuyolwa nalo mkhuba omubi okuthiwa wenzeka kulesiya sifundazwe, lapho abesifazane bekhokhiswa khona imali ukuze bangadlwengulwa,” kusho uMapaila.
Ukusho lokhu izolo, ekhuluma ngesikhathi ethula umkhankaso waminyaka yonke weSACP, i-Red October, eMpumalanga.
Ngaphansi kwalo mkhankaso, le nhlangano isuke ilwa nezinto eziningi okubalwa imisebenzi, indlala, ubugebengu nezinye.
I-SACP isho lokhu nje, usabalele ezindaweni eziningi lo mkhuba wokukhokhiswa kosomabhizinisi imali yokuthi bavikelwe.
Kukhokhiswa abanezitolo, abanezindlu zokuqashisa kanti e-Eastern Cape naseKapa, kuthiwa kukhokhiswa ngisho abadayisa emigwaqweni.
UMapaila uthembise nokushubisela uhulumeni wokubambisana kwamaqembu kuleli njengoba ethe bazowunyakazisa.
Uthe bazokwenza lokhu ngoba abanye ongqongqoshe bafuna izinkampani namabhizinisi angaphansi kukahulumeni, awele ezandleni zomkhakha ozimele.
“Muva nje, uNgqongqoshe wezokuXhumana (Solly Malatsi) uveze ukuthi bafuna ukufaka ingxenye yePosi ngaphansi komkhakha ozimele. Labo ngqongqoshe bacabanga ukuthi yonke into engaphansi kukahulumeni kumele inikezwe umkhakha ozimele ukuze isebenze.”
Uthe bazophoqa uhulumeni ukuthi usheshise eyomshwalense wezempilo, i-National Health Insurance, ngoba isingumthetho.
“Akumele ilokhu ixoxwa ukuthi izoma kanjani noma kubuyekezwe okuthile kwi-NHI ngoba sekuwumthetho. Ongxiwa abeneme ngolwe-NHI yingakho befuna kuphinde kuxoxwe ngezinye zezinto kulo mthetho.”
UMapaila akayizwa eyohulumeni wokubambisana njengoba ethi abawufuni.
“I-DA iqembu labacindezeli, kalimele abantu abamnyama. Sizibuza ukuthi kungani i-ANC yanquma ukungena emshadweni ne-DA? Asiwufuni lo mshado ngoba ngeke ubasize ngalutho abantu.”