LISEMATHENI kwabalandela unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, igama lika-Abongile Tom, okungunondweba obephethe owamanqamu weMTN8 onqotshwe i-Orlando Pirates kwiStellenbosch FC ngo 3-1 ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium.
UTom obalwa nabanye bonondweba iSouth African Football Association (Safa) egabe ngabo, usolwe ngumqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, ngokuthatha isinqumo okungesona kodwa esibe nomthelela ngeqembu elihambe no-R10 million.
UBarker nabanye abalandela ibhola ezinkundleni zokuxhumana bebesola uTom ngokuvumela ukuthi, uRelebohile Mofokeng, athathe i-freekick endaweni okungeyona okwenzekele kuyona isigameko okuholele ekutheni uTshegofatso Mabasa, ashaye igoli lesibili lePirates.
UTom usematheni nje, ulandela omunye unondweba othembisayo, uSikhumbuzo Gasa, osanda kusolwa ngokucindezela iKaizer Chiefs kowe-Betway Premiership ibhekene neMamelodi Sundowns.
Omunye unompempe osuse umsindo ngesinqumo sakhe, UMasixole Bambiso oqome ukukhipha ikhadi eliphuzi kuThabiso Sesane, wePirates owagxumela wabamba ngezandla, uJustice Figuareido weRichards Bay FC.
Ukuphawula kwabahlukene ngezinqumo zikaTom kowamanqamu weMTN8:
* “Umdlalo ubumuhle kwaze kwafika isikhathi lapho unondweba ethathe khona isinqumo esingachazeki kwaba ukushintsha kwawo,” kusho uSteve Barker, weStellies.
* “Sinabadlali baphambili abanemiqondo emingi yokuthola igoli amagoli ngokushesha kodwa akukho vele la ngike ngezwa khona sengathi sithwele kanzima,” kusho uJose Riveiro, wePirates.
* “Iqiniso ukuthi uTom uxove umdlalo obumnandi manje angisakwazi nakuyijabulela le nkomishi yize ngiwumlandeli wePirates,” kubhale uMeshack Baloyi, ekhasini lakhe lika-X.
* “Uyaziphoxa kodwa uTom ngoba usemabhukwini okudlalisa imidlalo yeFIFA. Uyasiphoxa kwathina,” kusho uShakes Rampedi, ekhasini lakhe lika-X.
Akaqali ukuba sematheni uTom:
*Kowamanqamu weMTN8 ngesizini edlule, enkundleni efanayo kwakhulunywa kakhulu ngoTom owathula, uSipho Chaine, owayevimbele iPirates ekhahlela isidana uLebohang Maboe weMamelodi Sundowns ebhokisini.
*Nyakenye, kwasabalala isithombe sikaTom ephambanise izingalo esifubeni njengophawu lwePirates kodwa iqiniso ukuthi onondweba benza (lolu phawu) uma kukhona umdlali olimele kanzima.
*UTom udlalisa ngoMgqibelo nje, wayegcine ukubonakala kowe-quarter final yeMTN8 lapho asolwa ngokuncisha iSuperSport United iphenathi eyayizokwenza kube u 2-2 ibhekene nePirates.
*Nyakenye, umiswe izinyanga ezine kulandela iphutha alenza kubhekene iChiefs neSundwns eyawina oweligi ngegoli okwakungafanele alivume.
*Yize kunjalo, uTom ungomunye wonompempe bakuleli abadlalisa kweyeCaf Champions League, Africa Cup of Nations, African Football League nakweyokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba yeFIFA.
*Ungomunye wabambalwa kwabeSafa abenesitifiketi sokusebenzisa i-Video Assistant Referee (VAR).
*Muva nje, ubeseSaudi Arabia lapho ebesebenza khona kwi-VAR koweCaf Super Cup obuphakathi kwezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly neZamalek.