AKHALA ngakubize ngokugqoza kophenyo ngecala lokubulawa komfundi, amalungu omphakathi aseMthwalume, abemasha ngoba efuna kujutshwe ithimba labaphenyi eliyisipesheli.
Emashini ebingoLwesihlanu, umphakathi ubufuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele noKhomishana wawo KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, balusukumele udaba lokubulawa ngesihluku komfundi waseMakhoso Primary, uSinethemba Ngcece (8), isidumbu sakhe esatholwa silaxazwe ngasemfuleni ngenyanga edlule.
Imashi ibihanjelwe amalungu omphakathi waseMthwalume nezindawo ezisondelene nawo, awenhlangano elwa nokubulawa kwezingane nabesifazane i-Woman of Mthwalume nabekomiti elibhekelele izigameko zobugebengu.
UNkk Bongekile Sithole owumholi we-Woman of Mthwalume, uthe umphakathi ukhala ngokuhudula izinyawo kwamaphoyisa ekwenzeni uphenyo ezigamekweni ezithinta ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu.
“Ngale mashi besihlose ngayo ukuzwakalisa ilaka lethu ikakhulu ngalesi sigameko sakamuva sokubulawa kwengane, okungakaboshwa muntu ekubeni zikhona izinkomba ezibonisa ukuthi owenza lokhu ukhona emphakathini. Ngikusho lokhu ngoba ngesikhathi kutholakala isidumbu sikamgilwa, ngayizolo kwakukade kufike amaphoyisa ahamba nezinja abheka kule ndawo kodwa sangatholakala, okusho khona ukuthi sakhiswa othile wasishiya emfuleni.
“Sasingekho isikhwama nezicathulo zikamgilwa kodwa kamuva kwaphinda kwatholakala endaweni efanayo, okukhombisayo ukuthi kukhona umuntu wasendaweni okubekile,” usho kanje.
Encwadini yohlu lwezikhalo umphakathi oyidlulisele emaphoyiseni eqondiswe kuMkhwanazi noCele, bafuna kujutshwe ithimba lamaphoyisa eliyisipesheli ukuphenya leli cala namanye, bekhala ngokuthi amaphoyisa asendaweni kubukeka engawenzi ngendlela egculisayo umsebenzi wawo.
UMnuz Lucky Bhuyeni owusihlalo ekomitini labalwa nobugebengu endaweni, uthe bafuna kube nokusebenzisa okuhle phakathi kwabo namaphoyisa ukulwa nezigameko zobugebengu.
“Siyazinikela kangangoba siyabaphuca abantu izikhali njengezibhamu ezingekho emthethweni sizihambise emaphoyiseni kodwa sithole ukuthi sezibuyiselwe kubona futhi. Uma sibophisa izigebengu ngamacala athile, amaphoyisa ayazibopha azidedele ngokushesha, sigcine sesichonyelwa yizona izigebengu, zisibuza ukuthi besizama ukwenzani?” usho kanje.
USinethemba kuthiwa wayegcine ukubonakala evela esikoleni. Kuphele amasonto amabili kubikwe ngokunyamalala kwakhe ngaphambi kokuthi isidumbu sitholwe yizingane ezaziyobhukuda, silaxazwe ngasemfuleni sesonakele. Kuthiwa sasisagqokiswe umfaniswano wesikole ayegcine ukubonakala ewugqokile.