UFUNA kuphenywe nxazonke umndeni kathisha waseTafelkop ePinetown okuthiwa wahamba kwakhe ngoMashi 31 eyohlangana nomhloli, wangaphinde wabuya.
UNksz Sebenzile Tembe (36) kuthiwa washiya ekhaya izingane zakhe ezintathu ezineminyaka ephakathi kwezinyanga ezine neminyaka engu-11 nomyeni wakhe.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngenxa yobucayi bezinsolo lithe bayaluzwa udaba ‘lomhloli’ kodwa kusenokwenzeka ukuthi kukhona okunye okungale kwalokho.
“Sifuna kuphinde kuphenywe nezinsolo zokuthi wamfonela ebusuku ngayizolo, ethi abahlangane ekuseni ngakusasa, kuphinde kuphenywe nezinsolo zokuthi ngabe ukhona yini ngempela uR7 000 ayeyowunika umhloli ukuze amgcine esikoleni abevolontiya kuso iTafelkop Primary yize ayeqeda kuthola umsebenzi owawumkhomba esikoleni esikude nasekhaya,” kusho ilungu.
Lithi umyeni kaNksz Tembe wabatshela ukuthi ngalo-R7 000, umhloli wayezocela omunye uthisha wakhona eTafelkop Primary ukuthi ayofundisa kulesi sikole uNksz Tembe ayesethole kuso umsebenzi ngokugcwele ngoba sasingakubo (kwalo thisha igama lakhe elingaziwa).
“Sawubuza umbuzo othi ngoba ucingo lomhloli lungene ebusuku, ubeseyithathephi uSebenzile imali engaka ebusuku, umyeni wakhe wathi wathuma yena emini ukuthi akayomkhiphela yona ebhange ngoba yena kulula ukuthi afinyelele emabhange ngoba usebenza edolobheni. Umndeni wambuza ukuthi uSebenzile wayeseyazi ngani indaba yokuthi kuzofuneka uR7 000 ngezikhathi zasemini ngoba umhloli wafona ebusuku kodwa asiyitholanga impendulo,” kusho ilungu.
“Kungenzeka ukuthi ukhona ngempela umhloli owayemfonele wathi abahlangane, kodwa futhi kungenzeka ukuthi umhlola usendlini,” kusho ilungu.
Lithe into engaqeda ungabazane ukuthi abaphenyi bacele amarekhodi ezingcingo ezatholwa uNksz Tembe ngosuku olwandulela usuku agcinwa ngalo ukuze kuqinisekiswe indaba yocingo okuthiwa lwaluvela kumhloli ukuthi lukhona yini.
Liveze nokuthi unina (64) kaNksz Tembe useze uyagula ngenxa yokunyamalala kwendodakazi yakhe ngendlela engaqondakali.
Umkhwenyana kaNksz Tembe, uMnuz Bonga Thabethe uthe ukuqonda ngokuphelele ukukhathazeka kwabasekhweni lakhe okubenza babuye basole ukuthi uyathinteka ekunyamalaleni kwakhe.
Uthe naye akakutholi ukuphumula ngokulahleka komkakhe ngoba eminyakeni ecishe ibe ngu-15 aqala ukuthandana noNksz Tembe akukaze kushone ilanga bedinelwene ngisho bexabana.
“Ayikho futhi into abeyithanda njengezingane zakhe, ubengeke avele akhethe ukuzishiya kanjalo,” kusho uThabethe.
Uthe akagculisekile ngendlela amaphoyisa asingethe ngayo icala lokuduka kukaNksz Tembe.
Uthe wake wakuphakamisa ukuthi kubhekwe nenkampani yamaselula amarekhodi osuku okwanyamalala ngalo uNksz Tembe.
“Umphenyi wangitshela ukuthi abenele abasebenzi eCape Town abakwazi ukwenza lokho,” kusho yena.
Uthe wake waya nakuyena umhloli ngoba uNksz Tembe wayemtshelile ukuthi ungubani futhi usebenza kuliphi ihhovisi. Uthe umhloli wafike wathi akazi lutho ngomhlangano okuthiwa wawuzoba phakathi kwakhe noNksz Tembe.
Ephawula ngodaba luka-R7 000, uthe yinto ayesenesikhathi eyazi ukuthi kufanele anike umhloli i-drink uma efuna amlungisele udaba lokuthi aqhubeke asebenzele eduze nasekhaya,” kusho yena.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engatholakali ukuze aphawule.