UMNDENI womfundi ka-matric okusabalale i-video ekhombisa abanye abafundi bemhlanganyela bemshaya egunjini lokufundela, e-Eastbury Secondary, ePhoenix, bafuna bathole isijeziso esinzima abafundi abenze lokhu, kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngoMsombuluko ekuseni.
Udadewabo omdala walo mfundi esiligodile igama lakhe ukumvikela, uthe bewumndeni kubaphathe kabi ukuthi ingane yakwabo ihlukumezeke kanje isesikoleni.
“Okubuhlungu kakhulu, wukuthi le nto yenziwe ngabafundi bamantombazane futhi imhlukumeze kakhulu njengoba i-video ekhombisa eshaywa igcwele ezinkundleni zokuxhumana.
“Sifisa ukuthi izingane ezenze le nto zithole isijeziso esizifanele ukuze ezikwenzile kube yisibonelo nakwabanye abafundi,” kusho udadewabo.
Elandisa Isolezwe ngokuholele ekushayweni kwengane yakwabo, uthe ngokuzwa kwabo - indaba isuswe wukuthi ingane yakwabo icelwe ngomunye wothisha ukuthi ifundele abafundi incwadi ebifundwa esifundweni seDrama.
“Kuthe lowo thisha esaphumile, kwakhona abafundi abasho amagama angemahle kuyena, begxeka indlela afunda ngayo nokuthe eziphendulela - beza kuye, baqala bamshaya bemdonsa nangezinwele,” kuchaza udadewabo.
Abephephandaba bayibonile i-video ekhombisa iqeqebana lamantombazane ebhozomela lo mfundi, kwala ngisho ezama ukubagwema - baqhubeka bamlandela, kukhona nabakhuluma ngemuva bethi akashaywe.
“Yingakho sibike udaba emaphoyiseni, saphinde salwethula nakwabezenhlakahle okuyibona abalwengamele manje.
“Sizwile futhi ukuthi abafundi abathathu abenze le nto bamisiwe esikoleni kodwa sifuna bathole isijeziso esingaphezu kwalokho ngento embi kanje abayenze komunye umfundi,” kusho udadewabo.
Kuthintwa okhulumela uMnyango weMfundo eyiSisekelo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazwile ngalolu daba futhi kubaphatha kabi ukwanda kwezigameko ezifuze lesi.
“Okusiphatha kabi wukuthi uma silandela ngezimo ezifana nalesi, sithola wukuthi indlela abantwana abakhula ngayo emakhaya, inomthelela ekwenzekeni kwezinto ezinje.
“Ngakho sinxusa wonke umuntu, ikakhulu abazali ukubambisana nathi ukunqoba nokugwema izigameko ezifuze lesi,” kusho uMahlambi.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokushaywa komfundi oneminyaka engu-17.