UBONA ENGAPHEPHILE umzukulu wawo umndeni womfundi wakaGrade 2, waseNkosi Masumpa Primary, eBergville , othi umelwe wukumphoqa njalo ukuthi aye esikoleni emva kwehlazo lokuzingcolisela phambi kwabafundi ‘enqatshelwe’ wuthisha wakhe ukuya ethoyilethi.
Lo mfundi (9) kuthiwa wacela kuthisha wakhe ukuthi ayozikhulula kodwa wamnqabela ngaphandle kwesizathu. Ngenxa yokuthi wayexinekile, kuthiwa umfundi wasukuma eyocela okwesibili kuthisha kanti usezingcolisele. Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngo-Okthoba 31.
Uyisemkhulu walo mfundi uthe usezame konke ukulungisa lesi simo nesikole nesigungu esilawula isikole kodwa bayamchitha bathi akukho abangamelapha ngakho, akazibonele ukuthi wenzani.
“Le ngane eyendodakazi yami eyashona ngokuzibulala. Manje ngihlalele ovalweni njengoba nonina washona ngokuzibulala. Sengizame konke ukuthi isikole singenelele nangokuthi umzukulu alulekwe ngokwengqondo, kodwa siyangichitha. Emhlanganweni esibe nawo muva nje, bathe akukho abazongisiza ngakho. Nosihlalo wesigungu sesikole uze walibeka ngembaba elokuthi awukho umjovo angangijova ngawo ukuze ngilapheke emoyeni. Le nto iyangikhathaza ngoba umzukulu akafuni nhlobo ukuya esikoleni ukhala ngokuhlekwa. Ngimphoqa zonke izinsuku ekuseni ngize ngimhambise mina khona,” kusho uyisemkhulu.
Uthisha othintekayo, uNkk Ntombizodwa Mlambo, uthe akunjengoba udaba lushiwo.
“Ngokomthetho wesikole akuvumelekile ukuthi izingane ziphume zibe ziningi ziye ethoyilethi ngoba zifike zidlale kwesinye isikhathi ziyalimazana. Ngesikhathi ecela umfundi (9) ukuthi ufuna ukuya ethoyilethi wayesanda kubuya khona sekukhona abanye asebephumile. Ngathi akame kancane kubuye noma oyedwa kwasebephumile. Angibonanga ukuthi ukhona osebuyile kodwa ngesikhathi ezocela okwesibili ngamvumela kanti uzofike azingcolisele ngaphandle. Esebuya ngatshelwa abanye abafundi ukuthi usezingcolisele. Ngamthatha ngamshiya ku-veranda ngaya kokhuluma neHOD ukuze ifonele umzali wakhe. Akubanga yisikhathi eside emile wangeniswa kwelinye lamagumbi okufunda ayengenabafundi ngoba kwakubanda ngaphandle kuze kube uyalandwa ekhaya,” kusho uthisha uNkk Mlambo.
Uyisemkhulu walo mfundi uthe kungamanga ukuthi kwakukhona abangaphandle. Uthe uthisha wamnqabela ngaphandle kwesizathu kwathi esezingcolisele wammisa emvuleni emnyango. Lokho uthe kuqinisekiswe ngabanye abafundi ngesikhathi bebuzwa yisigungu sesikole phambi kwabo. Uthe bafuna ubulungiswa ngokuziphatha kukathisha uNkk Mlambo nokuthi kutholelwe umzukulu usizo ngoba basaba ukuthi angagcina ezibulele.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazoluphenya lolu daba.