AMAKHOSI angenelisekile asenikele enkantolo efuna kuchithwe ubuholi bendlu yobuholi bomdabu KwaZuluNatal.
Amakhosi aqhamuka ezifundeni iKing Cetshwayo, Ugu naseHarry Gwala, afuna iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe imiphumela yokhetho lwendlu yobuholi bomdabu esifundazweni.
La makhosi amangalele uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala.
Emaphepheni asenkantolo, amakhosi angenelisekile, athi uNkk Dube-Ncube noZikalala kabanalo igunya lokusingatha ukhetho lwendlu yobuholi bomdabu.
“Ukhetho olwalubanjwe ngoJuni 2022, lwalungekho emthethweni. Ngokomthetho, ummangalelwa wokuqala nowesibili kabanawo amandla okusingatha ukhetho lwendlu yobuholi bomdabu.”
Ukhetho lwendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal lwalubanjwe maphakathi nonyaka owedlule.
Kwaphenduka amatafula kulolu khetho njengoba inkosi Sifiso Shinga yehlula owayengusihlalo ngaleso sikhathi, inkosi Phathisizwe Chiliza, embangweni wokuhola indlu yobuholi bomdabu esifundazweni.
Amanye amakhosi aluduba ukhetho lwangonyaka owedlule, ekhala ngokugxambukela kukahulumeni ezintweni ezithinta indlu yobuholi bomdabu.
Ukuduba kwamakhosi ukhetho kwaholela ekutheni isifunda iKing Cetshwayo sigcine singenabo ubuholi.
Imizamo yokuthola isivimbelo senkantolo sokumisa ukhetho lwangonyaka owedlule, yachithwa yinkantolo.
Emaphepheni asenkantolo, amakhosi angenelisekile athe iningi lamakhosi aKwaZulu-Natal awazange abe yingxenye yokhetho lwangonyaka owedlule.
Akhale ngokuthi umthetho olawula ukhetho lwendlu yobuholi bomdabu awusinikezi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, amandla asifanele.
“Onke amakhosi kufanele akhuleke kwiSilo. Ngokubuka kwethu umthetho okhona njengamanje awusinikezi iSilo amandla asifanele.”
Enye yamakhosi angenelisekile, inkosi Thembinkosi Xulu, ikuqinisekisile ukuthi bafake icala enkantolo.
UXulu, oqhamuka kwisifunda iKing Cetshwayo, ungenye yamakhosi aduba ukhetho lwangonyaka owedlule.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe sebewatholile amaphepha asenkantolo.
UMzila uthe sebewafakile amaphepha aphikisa isicelo esifakwe ngamakhosi angenelisekile.
“Siphinde safaka namaphepha asenkantolo lapho khona siveza ukuthi la makhosi awanalo igunya lokuphonsela inselelo imiphumela yokhetho.”
UShinga uthe ubesezwile ukuthi kunesicelo sasenkantolo esifuna ukuthi kuchithwe ubuholi babo, kepha wathi bebengakawatholi amaphepha asenkantolo.
“Sisakuzwa ngamahemuhemu. Akukho okusafikile kuthina, akukho okusikhomba ngenjumbane. Silindele ukuthi kube khona okubhekiswe ngakuthina bese siyakwazi ukuphefumula.”
Usuku okuzolalelwa ngalo icala belingakanqunywa.