KULINDELEKE ukuthi bangene bagxile emaphaketheni abashayeli bezimoto njengoba i-Automobile Association ithe ngesonto elizayo uphethroli ungase unyuke ngoR1.20 ilitha bese kuthi elikadizili linyuke ngoR2.
I-AA ithe ilitha likapharafini lizonyuka ngoR1.84 kanti lezi zindleko zidalwa wukunyuka kwentengo ka-oyela ongahluziwe emazweni awukhiqizayo.
UMnuz Mervyn Abrahams obhekela ukusebenza kwenhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe ukunyuka kukaphethroli nodizili akuzona izindaba ezinhle ngoba kusho ukunyuka kokudla ezitolo.
“Into embi eNingizimu Afrika wukuthi ukudla kwethu kuthuthwa ngamaloli ngenxa yokuthi amaguzu awasebenzi. Yisimo esibi lesi ngoba ukudla kwethu kususwa emapulazini ngamaloli asebenzisa udizili. Kufanele kuhlale kubanda emafrijini okusho ukuthi uma kuphele ugesi kufanele kukhanyiswe ama-generator asebenza ngodizili. Abanikazi bezitolo badlulisela izindleko kubathengi bese kubiza ukudla,” kusho u-Abrahams.
Uthe uhulumeni kufanele alungise ukusebenza kweTransnet ukuze kubuye amaguzu bese ukudla nenye impahla kuthuthwa ngezitimela.
Ucele nokuthi kulungiswe ingqalasizinda yase-Eskom ukuze kuphehlwe ugesi owanele izwe.
Ugqugquzele uhulumeni ukuthi ehlise intela ekhokhwa uma kuthelwa uphethroli ngoba abanikazi bamagaraji adayisa uphethroli bathi incane kakhulu imali engena emaphaketheni abo.
Uphakamise nokuthi kufanele kube khona nabalimi abasebenza eduze kwamadolobha ukuze kwehle izindleko zokuthutha ukudla.
UDkt Sanele Gamede oyisazi somnotho esifundisa ngezomnotho, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe ukuntenga kweRandi kuzoba nomthelela kwintengo kaphethroli.
Uthe iRandi beliwu-R18 no-R19 uma liqhathaniswa ne-U$D okuyinto ebakhathazayo njengezazi zomnotho.
Ubalule ukuthi amazwe akhiqiza u-oyela ongahluziwe ehlise ukukhiqiza u-oyela yize emaningi amazwe afuna ukuthenga u-oyela.
Uphethe ngokuthi ukunyuka kukaphethroli kusho ukuthi kuzonyuka ukudla ngesikhathi esingafanele njengoba sekuyikota yokugcina yonyaka. Lokhu uthe kuzoba nomthelela omubi ekukhuleni komnotho ezweni.