Inhlangano elwela inhlalakahle yabantu, iKwaZulu-Natal Civil Society Forum ifuna kuthathwe izinyathelo ezinqala ngesehlakalo sokushaywa kwengane eneminyaka enu-13 esibhedlela iLadysmith Provincial Hospital.
Le nhlangano iphawule kanje emuva kokusabalala kwe-video ekhombisa onogada ababili beshaya lesi siguli ngaphakathi ewodini kulesi sibhedlela.
Kule-video kuqale kubonakale unogada oyedwa eshaya ingane ngezimpama. Lo nogada ujoyinwa uzakwabo emva kwemizuzwana embalwa, naye ezoshaya. Kuzwakala ingane isho ngengila ikhala, kanti kubuye kuzwakale nabanye abantu bethi ‘mshayeni impela uyadelela’. Nayo le ngane ibuye izwakale ithi ‘ngiyaxolisa’. I-video iqoshwe esinye isiguli, esithi naso silaliswe kulo leli wodi. Oqophe i-video uzwakalisa ukuzwelana nomgilwa ethi unedlozi, ubuye athi akuyona indlela okufanele kuphathwe ngayo iziguli lena.
Isishoshovu seKwaZulu-Natal Civil Society Forum eMnambithi, uMnuz Sakhile Xaba, sithe bafuna ukwazi ukuthi onogada bangene kanjani ewodini ukuzohlukumeza isiguli?
“Sizwa kuthiwa akuqali. Sifuna kunqanyulwe inkontileka yokusebenza yenkampani eqashe lo nogada. Ukuthi bamiswe akwenele,” kusho uXaba.
Uqhube wathi bafuna nokuthi nabahlengikazi ebebekhona kwenzeka lesi sigameko bathathelwe izinyathelo.
“Bathule bathini ingane ishaywa onogada ngaphakathi ewodini. Bavume kanjani ukuthi onogada bazohlasela isiguli,” kusho uXaba.
Uveze ukuthi ophenyweni lwabo abalwenze ngesikhathi bethola i-video ezinkundleni zokuxhumana bathole ukuthi umgilwa uhlala ekhaya lezingane elingaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
Uthe bathole ukuthi wasuswa kubo esikhathini esedlule ngenxa yezimo ezithize.
Uthe bazise uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngesigameko.
Okhulumela umnyango esifundazweni, uMnuz Mhlaba Memela uthe banalo ulwazi ngesigameko.
“Sithe uma saziswa ngalolu daba ngoLwesihlanu, saxhumana noMnyango wezeMpilo, ukuba ulusukumele ngalo usuku,” kusho uMemela.
Uthe uzwe ngandlebenye ukuthi kuthiwa baxoshiwe emsebenzini. Uqhube wathi ngokubuka kwabo lokhu akwanele.
“Kufanele kube necala ababhekana nalo emaphoyiseni. OyiNhloko yoMnyango wethu uthe likhona icala elivulwe yisibhedlela. Sibuye sezwa nokuthi nayo ingane isithuthelwe eNkosi Albert Luthuli nokuyinto esiyishayela ihlombe,” kusho yena.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uNgqongqoshe wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane, uthe umnyango usukumele phezulu, kulandela ukuvela kwe-video.
Uthe onogoda baxoshiwe umqashi wabo ozimele kanti isiguli umnyango usishintshele kwesinye isibhedlela.
“Umnyango usuqale uphenyo oluphuthumayo kulandela isehlakalo. Umnyango ungakuqinisekisa ukuthi sebexoshiwe umqashi wabo owanikwa umsebenzi wokugada isibhedlela. Umnyango usuphinde wasungula uhlelo lokuqondiswa izigwegwe ngaphakathi kubahlengikazi abathintekayo kulolu daba,” kusho uNksz Simelane.
Uthe bathole ukuthi isigameko senzeke ngoLwesine, sabikwa kwiziphathimandla zesibhedlela ngoLwesihlanu.