UFUNA uzimpendulo nobulungiswa umndeni wowesilisa waseMangethe, eMandeni, ogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natal, odutshulwe wumlisa owaziwayo endaweni, wafela egcekeni kubo ngoLwesine ekuseni.
Ilungu lomndeni kamufi, uFanele Mpanza (22), obaziwa ngoKela, elingathandanga ukudalulwa ngoba lisabela ukuphepha kwalo nomndeni walo, lithe lishaqeke kwaphela nasozwaneni ngenkathi lizwa lezi zindaba lisemsebenzini eThekwini.
Lilandisa Isolezwe ngokwenzekile, lithe umufi obebamba amatoho ezinkampanini zokupheka KwaDukuza, ubevakashile ekhaya ngenkathi kwenzeka lesi sigameko.
“Umzali womshana wami ubesendlini ekuseni ngesikhathi ezwa impikiswano yamazwi egcekeni, waphuthuma khona ukuyozwa ukuthi ingane yakhe ixabana nobani. Kuthe ephuma phandle wazithela kumshana wami exhakathiswe ingalo yilo mlisa owaziwayo endaweni, obephethe isibhamu, kukhona abaphikisana ngakho, okungazwakalanga kahle ukuthi bebethini.
“Kuthe uma umzali ebuza ukuthi kwenzenjani, umshana wami waphunyula kulo mlisa wabaleka eshona ezansi komuzi, wavele wamdubula kwesingezansi nangenhla ngemuva, waphelela khona lapho egcekeni kubuka umzali wakhe,” kusho owomndeni.
Eqhuba, uthe kuthiwa kuthe bembuza ukuthi uyidubulelani ingane, wankwankwaza qede wasuka lapho washaya wachitha, eshiya umfana esethule egcekeni kwabo.
“Kuyasikhathaza ukuthi kungani engakaboshwa namanje ngoba wumuntu owaziwayo endaweni futhi phezu kwakho konke lokho sifuna asichazele ukuthi uze ubulala ingane kamfowethu ngesihluku esingaka nje bekwenzenjani. Yingane lena, uma ngabe beyonile bekumele asichazele kahle ukuthi yoneni, uma kuyinto esengalungiseka sizame ukuyilungisa kahle,’’ usho kanje.
Uthe kumanje banovalo ngoba abaqondi ukuthi isenzo salo mlisa ngebesiqondene nomufi kuphela yini noma usazobuya futhi azoqotha wonke umndeni ukucisha ubufakazi.
“Njengoba ngikhuluma nawe nje angizange ngibuthi quthu ubuthongo ngenxa yokwesaba futhi okunye okubuhlungu wukuthi umshana wami ushiye izingane ezintathu emhlabeni, ezisencane nezisamdinga ukuzikhulisa,” kubalisa owomndeni.
POLICE COMMENT HERE