KUTHUNGATHWA izingwenya eziyisihlanu ezigugugulwe yizikhukhula eCrocodile Creek Farm, Othongathi.
Kuthiwa izingwenya eziwu-12 zigugulwe yimvula enamandla kodwa ezisikhombisa zabanjwa, kwasala ezinhlanu.
Okhulumela Ezemvelo Wildlife, uMnuz Musa Mntambo, uthi njengoba kuhlasele imvula enkulu kugcwale amanzi epulazini okugcinwe kulo izingwenya. Indawo enamanzi ezihlala kuyo, igcwale yachichima zavele zaguguleka izingwenya.
“ Indawo eziguguleke ngakuyo iyisimoba, ayikho imizi eseduze ngaphandle kweZimbali Estate, nayo iqhele ngebanga elilinganiselwa kumakhilomitha amahlanu. Ngakho asikhathazekile kakhulu ngokuthi zingaba nobungozi noma zifinyelele kalula kwabahlala kuleya ndawo,” kuchaza uMntambo.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuzibamba lezigwenya uma kwenzeka ukuthi ziphumele ngaphandle komfula uThongathi, okungenzeka ukuthi zigcine ziguguleke zangena kuwo.
“Uma kwenzeka abantu bezibona izigwenya kumele baxhumane nabasepulazini lezingwenya noma babikele amaphoyisa. Angicabanga kodwa ukuthi bangahlaselewa yizingwenya uma zingaphandle kwamanzi ngoba azibi nabo ubungozi kakhulu” kunxusa uMntambo.
Unxuse ukuthi uma abantu bezibona baxhumane nabezemvelo kule nombolo ethi: 083 284 9586.